I-DA ifuna kuhlakazwe ubuholi bukaMasipala waseThekwini, bese luqalwa phansi ukhetho.
Lesi sinqumo sithathwe emhlanganweni wobuholi beDA KwaZulu-Natal, namakhansela enhlangano kuMasipala waseThekwini.
Umholi weDA KwaZulu-Natal, uMnuz Francios Rodgers, uthe bakhathazekile ngesimo sikaMasipala waseThekwini.
Uphawule kanje uRodgers: “Abantu baseThekwini abasazitholi izidingo. Amanzi nogesi sekuyivela kancane. Lezi yizidingo ezibalulekile, abantu okufanele bazithole njalo.”
URodgers uqhube wathi sekunesikhathi eside benza iziphakamiso ebezingalekelela kuMasipala waseThekwini, wakhala ngokuthi imibono yabo ayilalelwa.
Uqhube wathi wukuhlakazwa komkhandlu kuphela okungasiza kulesi simo esiqhubekayo kumasipala waseThekwini.
“Phambilini sike saqhamuka nesiphakamiso sokuthi umasipala ufakwe ngaphansi kweso lomlawuli. Lokhu kwagcina kungenzekanga ngenxa yokuthi uhulumeni oholwa i-ANC, uyanqaba ukungenelela emikhandlwini ephethwe i-ANC. Inhloso yalokhu ukuvikela abaholi be-ANC abehlulwa ukuphatha omasipala.
“I-ANC kufanele yazi ukuthi sizohlale sikulwela ukuthi abantu baseThekwini bathole izidingo. Isigaba 34 somthetho olawula ukuphathwa komasipala, siyasivumela ukuba sifake isiphakamiso sokuthi kuhlakazwe umasipala. Uma iningi lamakhansela livumelana nesiphakamiso, umkhandlu uyahlakazwa.”
URodgers unxuse wonke amaqembu ezepolitiki aphikisayo ukuba aseke isiphakamiso sabo.
Usihlalo we-IFP KwaZulu-Natal, uMnuz Thami Ntuli, akazange alimise ngesihloko elokuthi bazoseseka yini isiphakamiso seDA. UNtuli uthe inkinga enkulu kuMasipala waseThekwini ukuthi i-ANC ayisenendaba nabantu.
UNtuli uthe okhethweni olulandelayo lohulumeni basekhaya abantu baseThekwini, kufanele bavotele ushintsho.
“Abantu kufanele bafundiswe ngaphambi kokuthi bavote ngoba uma ungathi akuvotwe manje, abantu bazophinde bavotele iqembu elihlulekayo ukuletha izidingo,” kubeka uNtuli.
Okhulumela i-ANC esifundeni iTheku, uMnuz Mlondi Mkhize, uthe ngeke siphumelele isiphakamiso seDA.
Uphawule kanje uMkhize:“Nanka amehlo ankanke umbombo. Siyakuzwa lokhu okushiwo yiDA, sibafisela inhlanhla. Abanazo izinamba ezanele emkhandlwini. Empeleni nje bazidlalela ipolitiki.”
UMkhize uthe inkinga yamanzi eThekwini, idalwa ukuthi kuneziphehlimanzi ezilungiswayo. Wathi asikho isidingo sokuthi kuhlakazwe uMasipala waseThekwini, wengeza ngokuthi uhulumeni kazwelonke uyangenelela ezinkingeni ezikhungethe iTheku.
“Kunamathimba athunyelwe wuhulumeni kazwelonke. Kufanele silinde isikhathi, banikezwe ithuba lokwenza umsebenzi labo abajutshiwe.”