UMASIPALA waseThekwini, uwanqumele ugwayi katiki amaqembu ezepolitiki wathi zingapheli izinsuku ezingu-30 emuva kokhetho, engazisusile izingqwembe zokhetho ezigxotsheni.
Umkhandlu uqhuba uthi uma kuneqembu noma umuntu ohlulekayo ukususa izingqwembe, umasipala uzozisusa ngokwawo bese lowo othintekayo ekhokha izindleko zomsebenzi wokususelwa zona.
Lokhu kudalulwe ngoLwesibili ngokhulumela uMasipala weTheku, uNkk Gugu Sisilana ephendula imibuzo yephephandaba.
Umhlangano wamakhansela eTheku owawungoNovemba nyakenye, waphasisa imibandela ephathelene nokhetho obelungoMeyi 29.
Eminye yayo ithi inhlangano noma umuntu ongenele ukhetho kumele akhokhe idiphozithi kaR200, ebuyiswayo, ukuze aphanyeke izingqwembe ewadini eyodwa.
Abangenela ukhetho bakalelwa ukuthi zingeqi ku-800 izingqwembe zeqembu noma ezokungenela ukhetho kwiwadi ngayinye.
“Emuva kokhetho, idiphozithi ekhokhiwe izogcinwa esikhwameni izinyanga ezintathu, kukhokhelwe ngayo izindleko zomsebenzi wokususwa kwezingqwembe,” kuchaza umasipala.
Uma iqembu noma ongenele ukhetho ehluleka ukususa izingqwembe ngokwakhe, uyobe esekhokhiswa zonke izindleko zomsebenzi wokususelwa uqwembe ngalunye oluphanyekwe esigxotsheni.
Eminye yemibandela ebibekiwe ukuthi iqembu noma ongenele ukhetho bangaphanyeki izingqwembe ezimbili esigxotsheni esisodwa.
Alikho iqembu lepolitiki noma ongenele ukhetho ngokuzimela obekade evumelekeke ukuthi akhangise kuthelawayeka uN2, N3, eNkosi Albert Luthuli International Convention Centre (ICC), nasolwandle (Marine Parade/Snell Parade).
Bekungavumelekile ukuphanyeka izingqwembe zokhetho emabhulohweni, ezindongeni nasezihlahleni.