KUZOBA ukhethu’ khethi kubavoti kuleli njengoba bengu-14 662 abantu abazongenela ukhetho ekubeni izihlalo ezibangwayo zingu-887 kuphela.
Lezi zihlalo ezasePhalamende kanjalo neziShayamthetho zezifundazwe.
Okhulumela ikhomishini yezokhetho uNkk Kate Bapela, uthe bangu-6 743 ababanga izihlalo eziShayamthetho, babe ngu-3 596 ababanga izihlalo ePhalamende kuthi abangu-4 323 babange izihlalo zeProportional Representation (PR) ezibangwa amaqembu kuphela.
Uthe abantu banikwe kuze kube ngu-5 ntambama namhlanje ukuthi bakhononde ngabantu abangenela ukhetho okubalwa nabalungenela ngokuzimela.
Uveze ukuthi bangu-42 abantu okuvele ukuthi bebesohlwini lwamanye amaqembu.
“Laba bavela emaqenjini angu-39, kanti omunye ongenela ukhetho ngokuzimela uvela ohlwini lwelinye iqembu. Uhlu lwabantu abangenela ukhetho lutholakala emahhovisi ethu.”
Uveze ukuthi iGauteng iyona ezoba nabantu abaningi njengoba inamaqembu angu-40, nababili abangenela ukhetho ngokuzimela ngakho iyona ezoba nephepha elide kunawo wonke kuleli.
Uveze ukuthi ikhomishini izonquma ngalabo okukhalwa ngabo kusasa kanti uma bengeneme ngesinqumo se-IEC bangamangala enkantolo yezokhetho ezonquma ngo-Ephreli 2.
Ubalule ukuthi uhlu lokugcina lwabangenele ukhetho luzoshicilelwa ngo-Ephreli 10.
Ukhumbuze abantu ukuthi bazokwazi ukuvota lapho behlala khona kuphela.
Uthe abazobe bengekho lapho behlala khona ngosuku lokhetho bangabhalela isikhulu sekhomishini bafake isicelo sokuthi bazobe bevota kwesinye isikhungo.
Kumele bakwenze lokhu ungakashayi uMeyi 17 njengoba ukhetho lungoMeyi 29.
Ukufakwa kwesicelo sokuvota lapho ungahlali khona akuhambisani nokufaka isicelo sokuvota ngokuyisipesheli okuzovulwa isicelo sakho maphakathi noMeyi. Abazosheshe bavote abazobe besebenza ngosuku lokhetho, abagulayo, abangakwazi ukuhamba kanjalo nezaguga.