BALENGELA eweni lokuba bahlakazwe omasipala abangasebenzi kuqalwe phansi kuvotwe ukuze kukhethwe ubuholi obusha.
UMnyango wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu uthe ngeke abantu balinde ukhetho lwamakhansela ngo-2026 ekubeni izinto zibheda manje.
Lo mnyango, oholwa nguMnuz Velenkosini Hlabisa, uthe uwutholile umbiko ebuholini bawo obudala mayelana nesimo somasipala ezweni.
UHlabisa uthe uhulumeni wasekhaya (umasipala) ubalulekile ngoba yiwona ohlinzeka abantu ngezidingongqangi futhi uthuthukise imiphakathi.
Uthe bawu-257 sebebonke omasipala eNingizimu Afrika futhi kulindeleke bayisebenzise ekwenzeni izidingo zomphakathi imali abasuke behlinzekwe yona.
“Kunomasipala isimo sabo esingagculisi. Sizoqala sikhulumisane nabo sibezwe ukuthi yiluphi usizo abaludingayo. Uma sebekushilo abakufunayo sizobe sesibanika khona bese sibabekela isikhathi sokuguqula isimo,” kusho uHlabisa.
Uthe uma umnyango usukwenze konke kodwa ingabikhona inqubekela phambili, yilapho bezothatha khona izinyathelo ezinqala.
“Awukwazi ukugcina abantu iminyaka emihlanu kumasipala ongasebenzi. Kumele kunikezwe abantu ithuba lokuthi bakhethe kabusha abaholi njengoba bekhombisile ngoMeyi 29 ukuthi bayalishintsha ivoti labo uma ingekho inqubekela phambili,” kusho uHlabisa.
UHlabisa ugcizelele ukuthi asikho isidingo sokuba umuntu agcinwe esikhundleni asiphethe ekubeni engawenzi umsebenzi asuke ebekelwe wona.
Uqhube wathi bazophinde baxhumane nezinyunyana zabasebenzi komasipala balubeke ezithebeni lolu daba.
Akazange awadalule amagama alabo masipala abangasebenzi, wathi usafuna ukuqale akhulumisane nabo.
Kwenzeka lokhu nje ngeledlule uMengameli Cyril Ramaphosa, evula iPhalamende, uthe uhulumeni kazwelonke kumele ulekelele omasipala.
Ubalule noMasipala waseThekwini athe kumele kusetshenzwe ubuyiselwe esimeni esihle owawukusona kudala.
Lo masipala usanda kukhomba indlela obeyimeya yawo, uMnuz Mxolisi Kaunda, isikhala savalwa nguMnuz Cyril Xaba.
Njengamanje kunezinhlelo zikahulumeni wesifundazwe nokazwelonke zokuwukulekelela ukuze ukwazi ukusebenza ngendlela efanele.