IZINHLANGANO zepolitiki ezahlukene zihlela ukuluphonsela inselelo enkantolo olukunyuswa kukagesi nolokucishwa kwawo ngenhloso yokuwonga.
Amaqembu aphikisayo ngokusemthethweni, iDA, i-UDM, neBosa baveze ukuthi bazonikela enkantolo beyovimba ukunyuswa kukagesi nokucishwa kwawo ngenhloso yokuwonga.
La maqembu asho lokhu emva kokuthi inhlangano elawula ugesi, iNational Energy Regulator (Nersa), inikeze i-Eskom imvume yokunyusa intengo likagesi ngo18.65%.
Ugesi uzonyuswa nje abantu bakuleli babhekene nokucishwa kwawo ngenhloso yokuwonga.
La maqembu ezepolitiki athe ukunyuswa kukagesi kuzoshaya kuzwele kubantu bakuleli nosomabhizinisi abavele bakhahlanyezwe wukucishwa kukagesi ngenhloso yokuwonga.
La maqembu aveza izinhloso zokuya enkantolo nje nabantu bakuleli ezinkundleni zokuxhumana banxenxa ukuba kube nomibhikisho ophikisa ukunyuswa kukagesi.
Ezinkundleni zokuxhumana abantu bahlongoza imibhikisho ezoya ezindlini zoMbuso ePitoli nasemahhovisi e-Eskom.
I-DA yona ithe izokuba nowayo umbhikisho emahhovisi e-ANC. Lokhu kuvezwe wumholi wayo, uMnuz John Steenhuisen, ekhankasela amavoti okhethweni lokuchibiyela oluzokuba kuMasipala waseMsunduzi.
USteenhuisen uthe umbhikisho wabo uzoba ngesonto elizayo, bafuna impi ukuyiyisa ngqo kwi-ANC.
"Nginxusa wonke amalungu eDA ukuba abophe amateku, ekupheleni kwenyanga sizothatha impi siyiyise kwi-ANC. Impi sizoyibhekisa eLuthuli House (emahhovisi e-ANC). Sinxusa izakhamizi zakuleli ukuba zibe yingxenye yombhikisho.
"Baningi abantu bakuleli abangahambisani nokukhushulwa kukagesi. Njengamanje izakhamizi eziningi namabhizinisi ayehluleka ukukhokhela ugesi ngoba uyabiza. Okubuhlungu wukuthi abathengi yibona abazogcina beshayeka kakhulu ngoba ukunyuka kukagesi kuzonyusa amanani ezinto eziningi."
USteenhuisen uthe sebecele abameli babo ukuthi babheke ukuthi angeke yini bakwazi ukuthola isivimbelo senkantolo esizonqanda ukuba kunyuswe ugesi. USteenhuisen uthe bafuna ukuthola isivimbelo senkantolo esizonqanda ukunyuswa kukagesi.
"Sesibatshelile abameli bethu ngezinhlelo zethu. Sikholwa wukuthi izinhlaka eziningi ezahlukene kazizange zinikezwe ithuba lokuphawula ngaphambi kokuthi kuthathwe isinqumo sokunyusa ugesi. Kufanele kube nokuxoxisana ngaphambi kokuthi kuthathwe isinqumo esinjengalesi."
Umholi we-UDM, uMnuz Bantu Holomisa, uthe sebekhathele wukubekezelela ukunyuswa kukagesi nokucishwa kwawo. UHolomisa uthe uhulumeni ne-Eskom kufanele bachaze ngokubhubhudlwa kwezigidi ezazabelwe ukuthi kulungiswe i-Eskom.
Uthe basalungisa amaphepha asenkantolo.
“Noma kanjani sizoluyisa enkantolo lolu daba. Yithina esizokuba ngabamangali bokuqala.”
Kanjalo nomholi weBosa, uMnuz Mmusi Maimane, uthe bazimisele ukulwa ngayo yonke indlela lolu daba. UMaimane uthe bazimisele ukuya enkantolo, futhi bazimisele nangokuba yingxenye yemibhikisho ehlongozwayo.
“Ngeke sihlale phansi sisonge izandla. Ngeke sivume ukukhohliswa, kulokhu kuthiwa izinto zizolunga ekubeni sihlezi ebumnyameni.”