SEBEBHEKE uMengameli uCyril Ramaphosa, asayine umthetho womshwalense wezempilo okhalisa abaningi, iNational Health Insurance (NHI) bese bemfaka enkantolo.
Kunezinhlangano eseziphumele obala zathi zizokuphonsela inselelo enkantolo ukusayinwa kwalo mthetho.
Umthetho uzosayinwa namhlanje, e-Union Buildings. Phakathi kwabaphikisa ukusayinwa komthetho kukhona izinhlangano zodokotela, ezamabhizinisi, izinyunyana nezepolitiki.
Inhloso yomshwalense ukuthi zonke izakhamuzi zithole izinsiza zezempilo ezisezingeni eliphezulu, ukuxilongwa okuyikho nokwelashwa mahhala.
Abaphikisana nawo bakhala ngokuthi umthetho uphambene nomthethosisekelo, bakhala nangokuthi imibono yezinhlaka ezithintekayo yashaywa indiva ngesikhathi kunezigcawu zasephalamende.
Umholi weDA, uMnuz John Steenhuisen uthe abameli babo sebelinde ukuthi uRamaphosa asayine, bese befaka icala enkantolo.
“Kade saqala ukulungiselela lo mzuzu. Abameli bethu sabatshela konke ezinyangeni ezimbalwa ezedlule. Bazofaka icala ngokushesha uma nje uRamaphosa eke wawusayina umthetho,” kusho uMnuz Steehuisen.
Uthe isimemezelo sikaRamaphosa sesidale itwetwe kubantu abangazi ukuthi kuzokwenzakalani kuma-medical aid abo.
Uthe uRamaphosa uzama ukuthola amavoti njengoba ukhetho selusemome, usebonile ukuthi bazohlulwa okhethweni, yingakho esegijima esayina lo mthetho.
Ilungu le-ActionSA, uDkt Kgosi Letlape lithe ukusayinwa komthetho kuzokwenza ukuthi kubhubhudlwe imali njengoba kwenzeka ngesikhathi kubheduka ubhubhane i-corona.
“Nakuba kunezinhloso ezinhle zokwenza abantu bathole ezempilo ezilinganayo, inkinga ukuthi indlela oyiyo lo mthetho, uzokwenza ukuthi kube nenkohlakalo esayibona ngesikhathi se-corona.
“Iminyango kahulumeni isikhombise kaningi ukuthi iyehluleka ukuphatha ngendlela imali,” kusho uDkt Letlape
Isikhulu esiphezulu kwiBusa, uMnuz Cas Coovadia sithe umthetho awuhambisani nomthethosisekelo, sathi bazothatha izinyathelo zomthetho uma ugcina usayinwa.
Uthe umthetho uzokhinyabeza ezempilo nomnotho. Ngokomthethosivivinyo ozosayinwa ube ngumthetho namhlanje, kudingeka imali ephakathi kuka-R200 -R700 billion ngonyaka.
Inyunyana yabasebenzi, iPublic Service Association ithe akucaci kahle ukuthi imali yeNHI izovela kuphi ngaphandle kokuthi abasebenzi bazokhokha intela nokuyinto ezobathwalisa kanzima.
Inhlangano emele abasebenzi bezempilo abangu-25 000, iSA Health Professionals Collaboration (SAHPC), ithe iziphakamiso abazenza kusukela ngo-2011, zishaywe indiva.
Okhulumela iSAHPC uDkt Simon Strachan uthe bebefuna ukuthi uRamaphosa awuphindisele emuva umthetho, uyoxoxwa kabusha ephalamende.
“Okwethu ukukhathazeka wukuthi sifisa iNHI ithuthukise uhlelo oluvele lukhona, ingalushonisi phansi,”kusho uDkt Strachan.