BAKHALA ngokulahlwa nokuphenduka omantunta nendishi abakhahlanyezwa yizikhukhula emva kokuthi bexoshwe ehostela abebehlaliswe kulona eTehuis, kuthiwa bayiswa ehostela eWema nakhona bafike baxoshwa bagcina sebelale emnyango esiteshini samaphoyisa eLamontville ngoLwesithathu.
Ngenkathi Isolezwe lihambele esiteshini samaphoyisa izolo, abadala nabancane bebehlezi eduzane nezimpahla zabo bengazi ukuthi bazothathani bahlanganise nani, usizi lubhalwe ebusweni.
Laba bantu bathe iphelele kubona imvula ebihambisana nombani nokuduma kwezulu ngoLwesithathu ebusuku njengoba belaxaziwe kwathiwa abazibonele.
Baphinde baveza ukuthi bafike ngamabhasi amabili kaMasipala weTheku kule ndawo nabasagweve nawo njengendlela yokuziphindiselela kuze kube kuxazululwa udaba lwabo
Kusolakala ukuthi izolo ekuseni enye yezingane ezilaxazwe kule ndawo ishayiswe iveni yamaphoyisa ehlehlele kuyona yaphuthunyiswa esibhedlela emva kokuthi ilimale emilenzeni.
UNksz Nokubonga Nzimande waseMega Village, eMlaza, uthe bakhathazekile ngoba akuthembisi abazi ukuthi bazolala emnyango isikhathi esingakanani.
“Njengoba sihlezi la akekho oseke wazixaka ngokufika asichazele ngezinhlelo nokuthi sizolalaphi, okusiphatha kabi kakhulu ukuthi kukhona nezingane ezincane nezalukazi ezidla amaphilisi ngoba zigula,” kuchaza uNksz Nzimande.
Uveze ukuthi selokhu befikile kule ndawo abanakho ukudla futhi abazi nokuthi bazogeza kuphi.
“Sesifisa ngisho ukuthola ukudla nakho asazi ukuthi kuzoqhamukaphi, sengize ngaphathwa umkhuhlane ngenxa yokulala emvuleni,” kuchaza uNksz Nzimande.
Uqhube wathi okubamangaze kakhulu ukuthi ngenkathi besuswa ehostela eTehuis, bebetshelwe ukuthi bayobekwa ehostela eWema nabafike bamiswa ngaphandle batshelwa ukuthi akuvumelekile ukuthi bangene ngoba akwaziwa ukuthi bayeza.
UNkk Eunice Mkhize (62) uthe isifiso anaso ukuthola indawo yokukhosela okwamanje ngoba uzizwa engaphephile njengoba belele ngaphandle.
“ Sicela basizamele indawo ngoba njengoba silahlwe lana kungaqhamuka izigebengu zisiphuce izimpahla zethu.
“Okulahlisa kakhulu ithemba ukuthi akukaze kube nezingxoxo zokuthi sizozanyelwa ezinye izindawo zokuhlala ngisho sisekhona eTehuis,” kuchaza uNkk Mkhize.
Uthe yize isimo senhlalo besingesihle ehostela abebehlezi kulona kodwa bekungafani ngoba bebenayo indawo yokufihla ikhanda.
Ikhansela laku-ward74 uNksz Nolubabalo Mthembu, lithe lizwe izolo ekuseni ngokususwa kwalaba bantu yize lingenaso isizathu esicacile sokuthi basuselwani.
“ Emva kokuzwa ngalolu daba ngithinte abomnyango wezokuHlaliswa kwaBantu ngabuza ukuthi bayazi yini ngalo ngabe sengithinta nomasipala.
“ Umasipala uthe uzwile ngokususwa kwabo wabe usuthembisa ukuthi kuzophela usuku sebezanyeliwe indawo yokulala,” kuchaza uNksz Mthembu.
Uthe ngenkathi ebuza ngokuxoshwa kwabo, uthole ukuthi kukhona ukungezwani phakathi kwabo nabahlala ehostela.
“Ngibikelwe ukuthi bekukhona abadakwayo bese besusa uchuku nokuthiwa ikona okwenze ukuthi umnikazi wehostela abaxoshe,” kuchaza yena.
I-IFP ithe izofaka isikhalo enhlanganweni elwela amalungelo abantu ngohulumeni we-ANC KwaZulu-Natal.
USotswebu we-IFP KwaZulu-Natal,uMnuz Blessed Gwala, uthe kufanele i-ANC ibe namahloni ngalokhu okwenzekile.