KUYE ngamagama enkehli amaphoyisa ebopha abashayeli abaphule imithetho yomgwaqo namanye amacala.
Abekade exwayisile amaphoyisa ngaphambi kwempelasonto yobumnandi eThekwini ukuthi zizolala zibaliwe izaphulamthetho emigwaqeni.
Okhulumela amaphoyisa kaMasipala weTheku, uColonel Boysie Zungu, uthe kuboshwe abashayeli abangu-23 ngempelasonto.
UZungu uthe amaphoyisa abekade enesivimbamgwaqo eCato Ridge lapho ebophe khona abantu abayisikhombisa abebeshayela bebukhile.
“Abanye ababili baboshelwe ukutholakala nezibhamu ezingekho emthethweni,” kusho uZungu.
Uqhube wathi ziwu-602 izigameko ezibikelwe amaphoyisa akwazile ukuthi abhekane nazo.
Amaphoyisa abikelwe nangezehlo zasemigwaqeni ezingu-128.
UZungu uthe amaphoyisa akwazile ukuthola imoto eyodwa ebikade ibikwe ukuthi yebiwe.
“Kuphinde kwabhekwana namacala angu-116 okuphulwa kwemithetho kamasipala,” kuchaza uZungu.
Khonamanjalo, uZungu uthe abakwasidlodlo babophe abashayeli abangu-14 abebephuzile eHillcrest.
Lokhu kwenzeke ngesikhathi kunesivimbamgwaoeqo kuleya ndawo.
Kulaba ababoshiwe kukhona nomshayeli oyedwa wesifazane.
Ngasekupheleni kwesonto elidlule, amaphoyisa akhiphe isixwayiso ethi bazoboshwa abantu abazoshayela bebukhile.
Akhuthaze abashayeli bezimoto nabathandi bobumnandi ukuba bahloniphe imithetho yemigwaqo futhi bangashayeli bephuzile.
Aveyeveze nokuthi kuzobe kuphithizela iphoyisa eThekwini futhi kube khona azobe etshalelwe ukuthi alawule ukuhamba kwezimoto ezize emjahweni wamahhashi eGreyville.
Bekuphithizela iphoyisa emigwaqweni yaseThekwini, ezindaweni zobumnandi nasemabhishi ngempelasonto.
Kwezinye izindawo abekade ehamba ngezinyawo eqaphe ubugebengu ikakhulukazi enkabeni yeTheku naseGreyville.