UKHOMISHANA wamaphoyisa esifundazweni iLimpopo, uLieutenant General Thembi Hadebe useyalele ukuthi lusheshiswe uphenyo oluphuthumayo lwangaphakathi emva kwezinsolo zokuthi iphoyisa lesifazane (40) lihlukumeze ngokocansi indodana yalo (10).
Lokhu kwenzeke emva kokuthi kuvele i-video ebisezinkundleni zokuxhumana, ikhombisa iphoyisa elinguConstable libonakala liya ocansini nendodana yalo.
Emva kokuthola le-video uLt Gen Hadebe uzwalise ukushaqeka nokungahambisani nesigameko.
Uthe emva kokuyithola, uyalele amaphoyisa ophiko oluphenya amacala oDlame lwaseMndenini, ukuVikelwa kweZingane nawoCansi ukuthi enze uphenyo ngokuphazima kweso ngesigameko.
“Kuvulwe icala lokudlwengulwa kwengane ngoLwesihlanu olwedlule. Kwengezwe ngelinye lokuqopha nokusabalalisa i-video yeziwombe zocansi, ukufundisa ingane ucansi,” kusho uLt Gen Hadebe.
Uveze ukuthi uphenyo lwangaphakathi embuthweni seluvele luqalile, luzoqhubeka ngesikhathi kuqhubeka icala enkantolo ecaleni elibhekene nomsolwa, eselivele liphethwe wupheko olubhekela ukuziphatha kwamaphoyisa, i-IPid.
“Izenzo zalona wesifazane, zidinga ukuthi anikwe isijeziso esinzima. Yize owesifazane enze asolwa ngakho ngesikhathi esasebenza ngaphansi kophiko lwePublic Service embuthweni, kwakufanele azi ukuthi le ndlela yokuziphatha kayamukelekile futhi uzothathelwa izinyathelo ezinqala,” usho kanje.
Uphethe ngelithi umbutho wamaphoyisa kawunayo indawo yabantu abafana nomsolwa ngoba badicilela phansi igama lombutho.
Imsolwa uvelile eNkantolo yeMantshi yseMarble ngoMsombuluko, icala lakhe lihlehliselwe uMsombuluko ozayo, yena ugcinwe ngaphakathi.
Uthe umgilwa usesusiwe wayobekwa endaweni ephephile, lapho azonikwa khona usizo lokwelashwa ngengqondo.