UMPHAKATHi waseNtuzuma A, eLindelani, kubalwa nothisha besikole, nabazali bezingane ezifunda ePhikiswayo Primary, basale bephithene amakhanda emva kyokugasela kwabalisa ababili abangaziwa kulesi sikole, badubula kwafa omunye wothisha, kubuka izingane zesikole ngoMsombuluko ekuseni.
Elinye ilungu lomphakathi wakule ndawo elidayisa eduze kothango olubiyele isikole, elidalule ukuthi lizibonele mathupha ingxenye yesigameko, lithe belidayisa njengasemihleni ngesikhathi lizwa ukuqhuma kwesibhamu
Lithe kuthe uma libheka ngalapho besiqhuma ngakhona, labona abalisa ababili bedubula kaningi uNksz Dudu Khumalo, obefundisa uGrade R kulesi sikole, afike kusona kulo nyaka.
“Kuthe uma ngiphenduka ngabona abalisa ababili engingabazi bedubula uthisha eduze kwelinye lamahhovisi angaphakathi esikoleni, maqede bashaya bachitha, bemshiya elele phansi.
“Ngishaqekile ngoba bengingayilindele into enjena. Ngaphambi kwesigameko, ngibabonile laba balisa bedlula eduze kwami, nokho ngangasola lutho ngoba kusuke kuphithizela vele ekuseni, abantu beya ezindaweni ezehlukene,” usho kanje.
Ngesikhathi Isolezwe lizifa endaweni yesehlo bese kugcwele abantu ngaphandle kothango lwesikole, abanye bemi izicagogwana. Bakhona nabebengaphakathi emagcekeni esikole, bebabaza isihluku ngokwenzekile. Abanye bebeze balibeke ngembaba elokhu bayokukhohlwa befile abakubonile. Abanye bebebalisa ngokuphepha kwezingane zabo ezifunda kuso lesi sikole.
UThishanhloko wesikole, uMnuz Mthokozisi Mchunu, uthe kubashiye bephithene amakhanda ukubulawa ngesihluku esinje kukazakwabo, athe ubezikhandla kakhulu emsebenzini.
Uthe ngenkathi kwenzeka isigameko yena ubengekho emagcekeni esikole, ekwesinye sezikhungo eyoba yingxenye yomncintiswano wezingane wokuphimisa amagama.
“Ngibuye ngishesha emva kokuzwa ngesigameko. Siphatheke kabi kakhulu ngokwehlele uzakwethu, futhi kube buhlungu ukumbona esephangalele emagcekeni esikole,” kusho yena.
Uthe ngokwazi kwabo, uNksz Khumalo okuthiwa ubehlala eRiverhorse Valley, ubengenazitha futhi ubengakaze abatshele lutho olubi obelungase luholele esigamekweni esinje.
Ebuzwa ukuthi abenzi bobubi bangene kanjani emagcekeni esikole, uMchunu uthe bahlale benza okusemandleni abo ukuqinisekisa ukuthi akungeni noma wubani esikoleni.
“Sisola ukuthi abasolwa bathole intuba yokungena ngenkathi kuphithizela kakhulu ekuseni, kungena izingane ebezize esikoleni,” usho kanje.
Eqhuba, uveze nokuthi izolo izingane bazigodukisile ukuze ziyophepha emakhaya, waqinisekisa ukuthi namhlanje uhlelo lokufunda luzoqhubeka yize kubuhlungu kunjalo ngokubehlele.
“Sisovakashelwa ngabeluleka ngokwengqondo ukusiza ukuze kuqhubeke uhlelo lokufunda nokufundisa, futhi sibonge kakhulu kubazali ngokusukumela phezulu, basisiza ukuphephisa izingane zabo ngenkathi bezwa ngesigameko,”’ usho kanje.
Kulesi sikole kuthiwa ukhona ogada esangweni oqashwe nguMnyango wezeMfundo.
Usihlalo wesigungu esilawula isikole, uMnuz Trevor Mbazo, naye ukhale kakhulu ngokubehlele okubashiye bephithene amakhanda.
Isolezwe lizamile ukukhuluma nabomndeni kamufi, okuvela ukuthi bahlala KwaMakhutha, kepha bala aphetha ukukhuluma nabezindaba.
Okhulumela uMnyango wezeMfundo esifundazweni, uMnuz Muzi Mahlambi ukhalisane nozakwabo, futhi wasigxeka isenzo sokubulawa kothisha emagcekeni esikole. Unxuse umthetho ukuba usebenze ukuze kutholakale abenzi bobubi.
Okhulumela amaphoyisa esifundazweni, uColonel Robert Netshiunda, uthe amaphoyisa aseNtuzuma aphenya icala lokubulala emuva kokubulawa kowesifazane oneminyaka ewu-46.