BADIDEKILE abazali bezingane ezifunda eSizakahle High, eMnambithi, okuvele ukuthi sekuphele izinsuku othisha bengangeni emakilasini ukufundisa.
Abazali kulesi sikole abavuke banikela esikoleni izolo, ngenhloso yokuzwa ngokuqhubekayo emva kokuthi izingane zabo kuthiwa bezilokhu zifika zibika ukuthi azifundi. Kuthiwa asicaci isizathu kahle ukuthi kungani benquma ukungangeni emakilasini, bafundise.
Umzali oyilungu lesigungu esengamele isikole ocele ukungadululwa, uthe akukho okuqondile ukukhulunywayo okwenza ukuthi othisha bangafundisi.
“Sifikile esikoleni, othisha abafunanga ukukhuluma nathi. Emhlanganweni wesigungu esilawula isikole esibenawo ngoMsombuluko, uthishomkhulu uveze ukuthi othisha bathi abafundisi ngoba kufe imishini yokufothokhopha, okuyinto engingaboni ukuthi iyiqiniso ngoba ezinye izinsiza kufundisa njengoshoki nokunye kukhona,” usho kanje.
Uthe emva komhlangano ongabanga yimpumelelo njengoba abazali bengahlangananga nomhloli njengoba bekulindelekile, banqume ukuthi ngeke bazidedele izingane zabo ziye esikoleni kuze kube uMnyango wezeMfundo esiFundazweni uyangenelela ukuxazulula le nkinga.
Omnye umzali, uthe lesi sinqumo basithathiswe wukuthi ziningi izindleko abangena kuzona ukuqinisekisa ukuthi abafundi baya esikoleni njengoba abanye begibela.
Uthe ukubahambisela ukuthi bayohlala bengafundiswa kungaba ukuchitha imali kungenasidingo.
“Sikhathazekile ngekusasa lezingane zethu, kodwa akukho mina engingakwenza kuphela ukuthi ngingabavumeli baye esikoleni ukugwema izinto eziningi ngoba izingane uma zingafundi, ziyohlala esikoleni usuku lonke, zingagcina sezenza izinto ezingafanele,” kusho umzali.
Okhulumela umnyango uMnuz Muzi Mahlambi, uqinisekisile ukuthi bawutholile umbiko ngalolu daba basawubheka.
Kuze kwashaya isikhathi sokushicilela engakabuyeli entathelini ukucacisa ngokuphazamisa ukufunda kulesi sikole.