OWAYENGUSIHLALO webhodi lase-Eskom lesikhashana, uSolwazi Malegapuru Makgoba, usole izinhlaka zezokuphepha eNingizimu Afrika ngesimo sale nkampani.
UMakgoba uthathe uhlangothi layowo obeyisikhulu sase-Eskom, uMnuz Andre de Ruyter, ngokubandakanya uhlelo lokuphenya oluzimele ngobugebengu obeluqhubeka e-Eskom ngesikhathi ekhuluma ngaphambi kweScopa izolo.
Utshele iScopa ukuthi lowo oweluleka uMengameli wezwe uMnuz Cyril Ramaphosa, uMnuz Sydney Mufamadi, uNgqongqoshe wezamaBhizinisi kaHulumeni, uMnuz Prvin Gordhan, bayazi ngalolu hlelo oluzimele oluholwa yilowo owayewumkhuzi wamaPhoyisa kuzwelonke, uMnuz George Fivaz.
Uveze ukuthi yena watshelwa uDe Ruyter ngalokhu ngoJulayi, nyakenye.
Uqhube wathi ngisho noRamaphosa enkulumeni yakhe abeyibhekise ezweni ngoFebhuwar,i nonyaka, uveze ukuthi lolu hlelo seluholele ekutheni kuboshwe abangu-43 ngamacala enkohlakalo, ukweba nokuphazamisa ukusebenza kwe-Eskom.
“Ngokwakhe uRamaphosa yiluphi lolu hlelo ayekhuluma ngalo ethi luholele ekutheni kuboshwe abangu-43, uma wayengakhulumi ngalo lolu olwasungulwa uDe Ruyter?” kubuza uMakgoba.
UMakgoba uqhube wathi i-Eskom ngabe ayikho kule nkinga ezithola ikuyo njengamanje ukube amaphoyisa, iSAPS, nooKlebe bebewenza umsebenzi wabo.
Usole amaphoyisa ngokuthi kuthe esetsheliwe ngobugebengu obuqhubeka e-Eskom aqhubeka ahudula izinyawo.
“Ezokuphepha kuleli zilibale ukulala emsebenzini ngesikhathi i-Eskom isenkingeni,” kusho yena.
Uqhube wathi ukube lezi zinhlaka ziwenzile umsebenzi wazo ngendlela efanele besingeke sibe khona isizathu ebesizobaletha ngaphambi kweScopa ukuba bazophendula imibuzo.
“Isinqumo esathathwa uDe Ruyter ukuthi asungule uphenyo oluzimele ingoba wayebona ukuthi i-Eskom ayilutholi usizo olufanele kwabezokuphepha ekubeni isenkingeni,” kusho uMakgoba.
Uveze nokuthi uDe Ruyter owayekhathazekile ngesimo, wake wazithola esetshela ngisho nesikhulu esiphezulu kwiNational Prosecuting Authority (NPA).
Uphethe ngelithi nabo beyibhodi babekhathazekile ngobugebengu obuqhubekayo yingakho bayekelela uDe Ruyter ukuthi aqhubeke nohlelo lwakhe lokubandakanya uphenyo oluzimele ngoba lungekho usizo i-Eskom ebiluthola ezinhlakeni zezokuphepha.
“Yizo izinhlaka ezibeke izwe la likhona namuhla,” kuphetha uMakgoba.