SABELO NSELE
KUCACELE noma wubani eSishayamthetho saKwaZulu-Natal ngoLwesihlanu ukuthi zibe nzulu izingxoxo nokuvumelana kube okusezingeni eliphezulu phakathi kwamaqembu abeyinkukhu nempaka ngesikhathi kuqhubeka imikhankaso yokhetho.
I–ANC, DA ne-IFP bebeyimbumba. Bekuthi uma bephakamisa igama lozokhethwa, owe-ANC aphakanyiswe oweDA, oweDA aphakanyiswe owe-IFP okuyinto ebicacisa ukuthi kuxoxwe ngempela kwavunyelwana ngobekumele kwenzeke izolo kukhethwa usomlomo, iphini lakhe nondunankulu wakulesi sifundazwe okugcine kube wuMnuz Thami Ntuli.
I-MK izithole isikhishwa inyumbazane njengoba la maqembu amathathu evote ngokubambisana ekhetha kulezi zikhundla ezintathu.
Abaholi be-IFP, ANC, DA, uMnuz Thami Ntuli, uNksz Nontembeko Boyce, noNksz Mmabatho Tembe baqokelwe ezikhundleni ebezibangwa, bahlula amalungu eMK abengenele umjaho wezikhundla.
IMK iyona eyathola amavoti amaningi KwaZulu-Natal, yathola izihlalo ezingu-37 kwezingu-80.
I-EFF kuphela enezihlalo ezimbili, evote neMK.
Imbumba ye-IFP, ANC, DA neNFP inezihlalo ezingu-41.
Le mbumba ikhombise ubumbano ngesikhathi kukhethwa yize ibikade ihlakanhlaka ngesikhathi kukhankaselwa ukhetho.
Ngesikhathi kukhankaselwa ukhetho, kwaba neziwombe eziningi lapho amalungu alezi zinhlangano ayejikijelana khona ngamazwi ayiziswana.
Abanye babefungile ukuthi ngeke basebenzisane nangeshobolo ngesikhathi besakhankasela ukhetho.
NgoLwesihlanu abaholi bala maqembu bebebonakala bexoxa, benza amancoko kuqhuma uhleko.
Ubumbano lugqame kakhulu ngesikhathi kuphakanyiswa amagama abazongenela umbango wezikhundla.
Igama likaNtuli, oqokelwe kwesikandunankulu, liphakanyiswe yilungu le-ANC, uNksz Nomagugu Simelane.
Igama likaNksz Boyce, oqokelwe kwesikasomlomo, liphakanyiswe yilungu le-IFP, uMnuz Mntomuhle Khawula.
ElikaNksz Tembe, oqokelwe kwesephini likasomlomo, liphakamiswe yilungu le-ANC, uMnuz Sipho Hlomuka.
AbeMK bebengazibekile phansi njengoba bephakamise amagama kuzo zonke izikhundla ebezibangwa.
Onke amalungu ayo, Inkosi Phathisizwe Chiliza, uMnuz Mervyn Dirks, noNksz Ishan Barciela, akhale ngaphansi.
INhloko yamaJaji KwaZulu-Natal, uJaji Thoba Portia Poyo-Dlwati, ebelihlalise umhlangano, lithwale kanzima njengoba amalungu eMK nawe-EFF ebelokhu ekhalaza ngohlelo obelulandelwa ngesikhathi kuvotwa.
Bekuvotwa ngokuyimfihlo.
Amalungu eMK nawe-EFF akhale ngokuthi kukhona abebeveza ukuthi bavote kanjani. Bathe ukhetho belungakhululekile, bafuna ukuthi kuqalwe phansi ukuvotwa.
Bakhalaza nangabezindaba abebeqopha, nokuphethe ngokuthi bayalelwe ukuba bayeke ukuqopha.
Kuke kwaba nezikhawu lapho bekubukeka sengathi amalungu eMK nawe-EFF afuna ukuwunyomfa umhlangano.
IJaji Poyo-Dlwati lize lakhumbuza la malungu ukuthi linamandla okukhipha abahluphayo.
Ngaphandle kwesiShayamthetho amalungu eMK nawe-IFP abekikilizana ngezingoma.
Ekhuluma okokuqala njengoNdunankulu waKwaZulu-Natal, uNtuli ubonge ukubambisana okube khona emaqenjini kodwa wathi okwamanje akafuni ukugeqa amagula ngakuphethe esandleni.