UKHATHAZEKILE umndeni wowesifazane waseBhobhoyi, ePort Shepstone osekuphele amasonto amathathu kungaziwa ukuthi ukuphi ekubeni enengane enonyaka.
UNksz Sithembile Ngesi (30) kuthiwa ubehlala ehostela KwaMashu, esebenza emtholampilo eGoodwins KwaMashu kwa-E.
Udadewabo uNksz Sithabile Mkhungo, uthe bathole ukuthi abamjwayele ehostela bathi bamgcina ekuseni eya emsebenzini kanti emsebenzini bathi wafika, wasebenza njengenjwayelo, waphuma ntambama, engumuntu ogodukayo.
“Sithole ukuthi kwaqhubeka izinsuku engafiki emsebenzini, asebenza nabo baze bagcina befonela uyise wengane yakhe, bebuza ukuthi ukuphi ngoMeyi 9,” kusho uNksz Mkhungo.
Uqhube wathi uyise wengane wabe esebazekela udaba, basukuma lapho banikela KwaMashu.
Uthe kwathi emva kokulandiswa ngokwenzekile emsebenzini wakhe, banikela emaphoyiseni beyobika ukuthi unyamalele.
Uthe bamzame kaningi ocingweni lwakhe kodwa lulokhu luvalwe njalo.
“Mina ngake ngamfonela nangazo lezo zinsuku agcine ukubonwa ngazo, ngithi ngiyambheka nje ukuthi uyaphila yini njengenjwayelo kodwa lwangangena. Angizange nginake ngazitshela ukuthi mhlawumbe uhlushwa ucingo,” kusho uNksz Mkhungo.
Uqhube wathi ukunyamalala kwakhe kuyabakhathaza ngoba unezingane ezincane.
“Enye inonyaka, enye ineminyaka eyisikhombisa. Azihlali naye kodwa akuze kungaphela isikhathi eside kangaka engazibhekanga,” kusho uNksz Mkhungo.
Uphethe ngelithi uNksz Ngesi akasiye umuntu ovele anyamalale nje angaxhumani nomndeni, ngakho kuyabakhathaza okwenzekayo.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal uConstable Thenjiswa Ngcobo, uthe kuvulwe idokodo lokunyamalala komuntu esiteshini samaphoyisa KwaMashu.