UKHUNGATHEKILE umndeni wakwaZulu, eShowe emuva kokuduka kwendodakazi yawo uNksz Nomalanga Innocentia Zulu (38).
Umfowabo kaNksz Zulu, uMnuz Mbuso Zulu, uthe udadewabo wasuka oLundi ngoMsombuluko, wafakwa etekisini eya eShowe kodwa akazange afike ekhaya.
“Udadewethu ubevakashele oLundi, ngoMsombuluko odlule bamphelezela bamshiya etekisini eya eShowe kodwa akazange afike ekhaya.
Ungumuntu onokuphazamiseka kancane ekhanda. Sithole ukuthi wehla etekisini emuva kokuhamba komuntu owayemphelezele. Sididekile ngoba asimazi ukuthi ushonephi,” kusho uZulu.
Ebuzwa ukuthi kungani babemhambisa yedwa ekubeni enokuphazamiseka ekhanda, uZulu uthe iphutha laba kumuntu owayephelezela udadewabo ngoba kwakufanele achazele nomshayeli isimo sikadadewabo.
Uthe uNksz Zulu wayegqoke isiketi esibomvu, ijakhethi empunga, isigqoko esimpunga nama-sleepers.
"Iphutha laba kulo obemphelezela ngoba uphazamisekile ekhanda."
ULt Colonel Thulani Zwane, wamaphoyisa KwaZulu-Natal ukuqinisekisile ukuthi kuphenywa icala lokuduka komuntu.
“Amaphoyisa asoLundi afuna owesifazane odukile. Siyacela noma ubani onemininingwane ngomuntu odukile athinte u-035 874 0500/1 noma ashayele iCrime Stop ku 08600 10111,” kusho uZwane.