AKHALE ngezifo ezingamahlalakhona amaphoyisa efuna ibheyili eNkantolo yeMantshi yaseThekwini. Laba basolwa babhekene necala lenkohlakalo emva kokuba kuthiwa bazame ukuqola usomabhizinisi wasePhoenix isamba sika-R79 500 abemgwazisa ngeSonto.
U-Warrant Officer Matheng Mashabelu (54), uSeargent Zakhele Makhubele (45), uSeargent Xolani Sishi (50) noMnuz Deon Naidoo (48) bakhale ngokuxinwa yizifo ezingamahlalakhona befuna inkantolo ibabonelele.
UMashabelu noMakhubele bangamaphoyisa esiteshini esiseBryanston, eGoli, kanti uNaidoo kuthiwa usebenza njengengede ophikweni lwezobunhloli olukhona eGoli.
USishi nozakwabo aboshwe nabo, oConstable Stallone Sing (31), Seargent Nicholus Nxuza (50), uSeargent Thamsanqa Dlamini (43) noSeargent Phiwayinkosi Zulu (41) bangamaphoyisa esiteshini esiseNtuzuma. Ngaphandle kukaSingh, oboshwe nabasolwa baseGoli ngeSonto, bonke abasolwa abangamaphoyisa esiteshini esiseNtuzuma bazinikele emaphoyiseni khona izolo.
Bekhulunyelwa ngabameli babo, bonke abasolwa baveze ukuthi abakaze baboshwa phambilini, abanabo ubungozi kofakazi, banamakheli aqondile futhi bazimisele ngokuliphika icala abebekwe lona.
Baboshwa nje kuthiwa ngeSonto bazame ukugwazisa usomabhizinisi onesitolo ePhoenix okuvela ukuthi bambhadame namabhokisi amathathu kagwayi abathe awukho emthethweni. Kusolwa ukuthi ubagwazele ngo-R400 babuyisa ushintshi okuthe emva kwesikhashana behambile, babuyela esitolo basesha ngaphambi kokuthi bashaqe ugwayi abewudayisa futhi baphoqa ukuthi umgilwa abanike nesibhamu sakhe. Kuthiwa bamthathe baya naye esiteshini esisePhoenix baphoqa ukuthi abanike u-R100 000. Umgilwa kuthiwa ufonele unkosikazi wakhe oveze ukuthi uzokwazi ukukhokha u-R79 500 kuphela. Kuhlelwe indawo lapho kuzohlanganwa khona, balalelwa unyendle baboshwa ngalo iSonto.
Inkantolo ibadedele ngebheyili ka-R7000 umuntu emunye. Ebakhulula ngebheyili, uMnuz Ashwell Singh oyimantshi ephethe leli cala, ubadonse ngendlebe ngokuhlonipha imibandela yebheyili.
“Uma kukhona oshintsha indawo ahlala kuyo, azise umphenyi wecala. Anivumelekile ukuxhumana nommangali noma nofakazi nanoma ngayiphi indlela. Ukwephula imibandela yebheyili kuyoholela ekutheni imali eniyikhokhile ingqwambe, nibuyiselwe esitokisini,” usho kanje.
Inkantolo ikusho lokhu emva kokuba umphenyi wecala, uCaptain Zanele Xulu, osebenza ngaphansi kophiko loKlebe, eveze ukuthi akanankinga nokukhululwa kwabo ngebheyili. Yize eveze ukuthi amakheli abasolwa abengakaqinisekiswa wonke kwazise abanye bazinikele izolo kodwa unesiqiniseko sokuthi amakheli abawanikezile ayiqiniso nokuthi kuzothi kushaya usuku lwakusasa esewabhekile.
Ngaphambi kokuqala kokulalelwa kwesicelo sebheyili kube nobuhixihixi abameli befuna izintatheli zingathathi izithombe, okuchithwe yinkantolo. Kuphinde kwadingeka ukuthi inkantolo iguqe okwesikhashana abameli besabhunga emva kokuthi kuvele ukuthi bekungamele kusetshenziswe inkantolo eseThekwini kwazise icala lenziwe ePhoenix ngakho kumele libe seVerulam kodwa babuye bashaya ungqimphothwe bavumelana ngokuthi libe kuyo le nkantolo. Icala lihlehliselwe uNovemba 7 nonyaka kusaqhubeka uphenyo njengoba uCaptain Xulu ethe basalindele obunye ubufakazi nezitatimende.