BABHIKISHE ngaphandle kwamahhovisi kaMasipala waseThekwini bekhala ngokunqanyulwa kwezinkontileka zabo, abasebenzi bohlelo i- Expanded Public Work Programme kulo masipala okulindeleke ukuthi ziphelelwe yisikhathi ngoLwesine.
Laba basebenzi bohlelo oluxhaswa wuMnyango wezeMisebenzi yoMphakathi neNgqalasizinda, kuthe izolo bavukela kulawa mahhovisi asenkabeni yedolobha eThekwini befuna umasipala ubuyekeze ukunqanyulwa kwezinkontileka zabo abathi kwenziwe bathunyelelwa izincwadi nge-WhatsApp ezazibazisa ngokuphela komsebenzi.
USihlalo wekomiti elibhekele abasebenza kulolu hlelo eThekwini, uMnuz Shiko Gumede, uthe akukho abakunikezwe umqashi njengoba nefomu elibizwa nge- U-19 elisetshenziswa ukubhalisela imali yesibonelelo sabaphelelwe umsebenzi esikhwameni i-Unemployment Insurence Fund, bengalinikeziwe.
“Ngesikhathi siqashwa njengoba abanye beneminyaka eyevile kweyisishiyagalombili baqala ukusebenza, sasitsheliwe ukuthi kusetshenzwa iminyaka emibili kudedelwe abanye, kodwa ngenxa yokuthi umasipala ubayekile abantu baqhubeka, lokho kwenze baba namathemba okuthi umsebenzi uzolokhu uqhubeka, bathembela kakhulu kuwona. Ukunqanyulwa kwawo, abaningi kubagulisile njengoba kukhona abangeniswe ezibhedlela ngoba bengazi ukuthi bazothathani bahlanganise nani kulesi simo esinzima,” kusho uGumede.
Uthe ukuqhubeka kwezinkontileka yonke le minyaka, umasipala bewazi ngakho kangangoba owayeyimeya kuwo uMnuz Mxolisi Kaunda ehlangene nabo ngo-2020,wabathembisa ukuthi ngeke umasipala ubalahle uma kwenzeka kuphela bazophenyelwa izikhala noma becijwe ngamakhono okuziphilisa okuyinto okubukeka ingenzekile. Isitatimende esikhishwe wumasipala, siveza ukuthi uzothola imali engu-R18.79 million kunyaka wezimali u-2024/2025 eqhamuka eMnyangweni wezeMisebenzi kahulumeni ukuxhasa lolu hlelo, okuthiwa yehle ngo- R42 million kweyanyakenye. Umasipala uthi isibalo sabasebenzi ngaphansi kwalolu hlelo sizokwehliswa sisuswa kwabangu- 4 122 sifinyelele kwabangu- 1 276. UGumede uthe bakholwa ukuthi kulesi sibalo kumele kubhekelwe abasebenzi abebevele besebenza njengoba umasipala usuvele waqasha abasha. Uthe incwadi yezikhalo yamukelwe uMnuz Njabulo Zungu oyisikhulu kulo masipala wathembisa ukuthi bazoba nomhlangano ngoLwesihlanu nabamele abasebenzi ukubhunga ngalolu daba.
Abasebenzi balolu hlelo bathola isibonelelo esiphakathi kuka-R3000 no-R 4000 ngenyanga