BAZIZWA belahliwe abantu abahlala kolindela ababizwa ngokuthi isemathinini eWelbedacht, eChatsworth njengoba bethi babekwa khona ngo-2008, kuthiwa bazohlala izinyanga ezintathu kuphela.
Abantu abahlala kule ndawo basuswa emijondolo yakwa-D nakwa-M eMlaza, eyaseSydenham naseClaire Estate ngenxa yezikhukhula.
Abanye bathi basuswa ngoba kuthiwa umhlaba abahlala kuwona awukufanele ukuba kwakhiwe izindlu kuwo.
Njengoba elakuleli libungaza iminyaka engu-30 yokubusa ngentando yabantu emuva kokhetho lokuqala lwentando yabantu ngo-Ephreli 27, 1994, laba bantu asebehlale kolindela bacela izindlu ezinesithunzi ababethenjiswe zona.
UNkk Sizani Patience Ngcuka (49), utshele Isolezwe ukuthi wasuswa emijondolo yakwa-D, eMlaza emuva kwezikhukhula, ezabagugulela izakhiwo zabo.
“Sasuswa eMlaza iMeya yeTheku kusewu-Obed Mlaba. Saqale saqutshiswa ehholo ngaphambi kokuthi silethwe lapha. Kwathiwa sizolinda izindlu zethu ezizobe sezilungile emuva kwezinyanga ezintathu.
“Namanje sisalindile selokhu safika, mhlawumbe kusahambe abantu abawu-20 okwathiwa bayohlala ezitezi ezikhona lapha eChatsworth,” kuchaza uNkk Ngcuka.
Uthe impilo inzima ngoba ungowesifazane ongenamyeni kodwa osesele nezingane eziyisithupha nabazukulu abasafunda emazingeni aphansi.
“Sihleli ekamelweni elilodwa sonke, ngaze ngaphoqeleka ukuthi ngilidabule phakathi ukuze umfana abe nesayidi lakhe.
“Kunzima ngisho ukugeza uma usesikhathini, izindlu nazo ziyanetha, singenelwa yizinyoka namanzi. Sibona sengathi sasizolahlwa lapha ngoba akekho osisizayo,” kusho uNkk Ngcuka.
UNkk Nomusa Gumede (49) naye owasuka eMlaza ngo-Okthoba 2008, uthe kunzima kakhulu ngoba bangenelwa yizinyoka nezingulube zehlathi.
“Simpintshene nezingane zethu nabazukulu kulabo lindela. Akukho nje ukuthi uyakwazi ukugeza kahle. ”Ngisho kwenziwa inkonzo yasekamelweni kamakhelwane uyezwa ube uhleli nezingane endlini yakho.
“Siyacela uhulumeni asizwele manje, asiphe izindlu ayesithembise zona,” kusho uNkk Gumede.
Uthe kudala babesikelwa utshani, kugencwe nezihlahla kodwa manje sebeyazibhushela njengoba kungekho muntu osondela kubona.
UMnuz Sifiso Ngidi (33) naye usho okufanayo nokushiwo womakhelwane bakhe, wathi sekwanele manje, uyacela uhulumeni abanike izindlu ayebathembise zona.
Ubalule ukuthi indawo ababekwe kuyo igcwala kakhulu amanzi uma lina, kuze kuvuleke imihosha.
UNkk Thembekile Maphumulo (39), onengane ekhubazekile, uthe impilo inzima ngoba ingane yakhe ayikwazi ukuhamba kahle.
“Sicela uhulumeni asinike izindlu ayesithembise zona ngoba kunzima ngisho ukuhambisa ingane endlini yangasese.
“Isindala manje ayifuni ngiyikhumule esidlangalaleni, kodwa ngiyaphoqeleka ukukwenza lokhu ngoba asinayo indlu yangasese endlini.
“Kufanele ngiyikhumule ngaphambi kokuthi ingene endlini yangasese yamadoda,” kusho uNkk Maphumulo.
Ubalule ukuthi akukwazi nokuthi ingane ibe nesihlalo samasondo ngoba indawo imazombezombe ayikulungele ukuhamba ngesihlalo esinamasondo noma kungene imoto. Uyaphoqeleka ukuthi ayibelethe ingane.
Bathi izindlu yizona ezingabuyisa isithunzi sabo.