IKHALA ngokuvela kwezinsolo zokungabi sesimweni esifanele kwebhasi, imindeni yabafundi abayisithupha baseMchitheki High School KwaNongoma, abashone engozini yomgwaqo ngoLwesibili.
Ngokuthola kweSolezwe, umshayeli wehlulekile ukulilawula ibhasi eHluhluwe Game Reserve.
Kuthiwa liphaphalazile, lagingqika izikhawu eziningana ngaphambi kokuba lilale ngokhakhayi esikhotheni esiseduze komgwaqo.
Engozini kushone uSanele Malinga (16) waseSiphambanweni, Aphiwe Cebekhulu (16) wasoDushwini, Lwakhele Zulu (17) waseKubungazeleni, Sbonelo Nsele (17) waseMasimini, Amanda Mndebele (16) waseNkonjeni noMakwande Ndwandwe (16) waseManqeleni.
Abashonile bebenza uGrade 10 no-11 bebesohambweni losuku olulodwa oluya eThekwini, kuyofundwa.
Isolezwe libuye lathola nokuthi nomshayeli webhasi, elingatholakalanga igama lakhe, naye ushonile khona engozini.
Uninomkhlu kaSanele, Nkk Hloniphile Ndlovu uthe bayakhala ngengozi ngoba bathole ukuthi umshayeli ushilo ukuthi leli bhasi aphoqwa ukuthi ahambe ngalo uyalibona ukuthi kalikho esimweni esifanele.
“Lude uhambo ukusuka KwaNongoma uya eThekwini. Sibona ubudedengu kumnikazi webhasi, egijimisa imali phambili, enikela ngempilo yezingane zethu,” kusho uNkk Ndlovu obesidinda isililo nangesikhathi elandisa ngodaba.
Uthe utshelwe ukuthi uSanele wuye obe ngowokuqala ukuchithwa yibhasi.
“Sifuna basingcwabele zonke lezi zingane. Futhi sifuna athathelwe izinyathelo umnikazi wala mabhasi,” kukhala uNkk Ndlovu.
Uveze ukuthi emndenini kaSanele isimo sibi, yikho amthatha wahlala naye, ezama ukuphungula umthwalo kudadewabo omncane.
Uthi bese belibona ikusasa kumufi, esho nokusho ukuthi uma eqeda isikole uzofundela ukuba wudokotela wezilwane.
Ugogo ka-Aphiwe, uNkk Thembi Buthelezi uthe: “Olikhiphe ngenkani ibhasi elibona ukuthi alikho esimweni esihle, akathathelwe izinyathelo. Ngeke sithule sibhujelwe yizingane. Alulandelwe udaba ngoba asazi ukuthi ubehloseni.”
Uninomncane kaLwakhele uthe phezu kokungabi bikho esimweni esikahle kwebhasi babuye bathola nokuthi naye umshayeli ubegijima.
“Izingane zisitshele ukuthi ucishe wazichitha khona KwaNongoma esasanda kusuka. Sikuzwile nokuthi belingekho esimweni esikahle ngakho umnikazi walo kufanele ajeze,” kusho uNksz Zulu.
Uqhube wathi okunye abakufunayo wukuthi eze emindenini eshonelwe, azobachazela ukuthi ubehloseni.
UMnyango wezeMfundo KwaZulu-Natal udlulise amazwi enduduzo emindenini yabafundi nomshayeli webhasi odlule engozini.
UNgqongqoshe walo mnyango uNkk Mbali Frazer uthe: “Siwumnyango sizwa ubuhlungu ngale ngozi enyantisa igazi. Sifisa ukudlulisa amazwi enduduzo emindenini, isikole, umphakathi nabo bonke abasondelene nalabo abashonile. Sifisela nalabo abalele ezibhedlela ukululama okusheshayo.”
UMengameli weNatu, uMnuz Sibusiso Malinga naye ubhonge emswaneni, wathi kubuhlungu ngoba othisha nabazali bebehambisa abafundi ohambweni lokofunda.
“Sibonga amalungu ethu KwaNongoma aphuthume endaweni yesigameko ukuyonilekelela ngokomqondo, kothisha nabazali. Sinxusa uMnyango wezeMfundo ukuthi uhambise ithimba lodokotela abeluleka ngokomqondo esikoleni kanjalo nasemphakathini othintekayo,” kusho uMalinga.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uColonel Robert Netshiunda, uthe amaphoyisa avule icala lokubulala ngokungenhloso.