UMNDENI wentombazane eneminyaka eyisithupha, isidumbu sayo esitholwe esikhotheni eMayville ngoMsombuluko, ukhala ngokungalutholi usizo ngokushesha esiteshini samaphoyisa eCato Manor.
USenamile “Aphula” Sphengane kuthiwa unyamalale ngeSonto ebusuku kade ehleli namanye amalungu omndeni ebevakashele kubo.
Amalungu omndeni akhulume neSolezwe, athe asola ukuthi umufi uqale wadlwengulwa ngaphambi kokuba abulawe.
Aveze ukuthi umufi ubegaxele esihlahleni esisesikhotheni, kukhombisa ukuthi isidumbu sakhe silahliwe, umqala wakhe ubusontekile ephuma igazi ngamakhala nangomlomo.
Athe isikhotha atholwe kusona asiqhelile kangako nakubo.Bathe bekunanezinkomba zokuthi umufi ubulawe ngokuklinywa.
Echaza ngokwenzeka ngosuku anyamalale ngalo uninomncane kamufi, uNksz Sbusisiwe Mnduna, uthe umufi ubehleli kusofa edlala imidlalo ocingweni lwakhe.
“Endlini bekukhona amanye amalungu omndeni abehleli naye. Elilodwa lawo lithi belisekamelweni licambalele, elinye liveze ukuthi belihleli naye kusofa kwafika ingane ecishe ilingane naye, bathathana bahamba,’’ kuchaza uNksz Mnduna.
Uthe leli lungu lithi aliyazi le ngane, kwazise alihlali endaweni. Uthe bakhathazwa wukuthi bonke abangani bakamufi bayazihlangula uma bebuzwa ngokuthi bake bafika yini ukuzomvakashela ngosuku anyamalale ngalo.
Uveze ukuthi unina kamufi, uNksz Smangele Sphengane ubesaye esitolo ngesikhathi kwenzeka sigameko.“Sibuye ekhaya ngezikhathi ezithi azicishe zifane, mina nonina wengane. Saqaphela ukuthi ingane ayikho. Sabuza abebekhona ukuthi ikuphi. Basichazele ukuthi u-Aphula uhambe nenye ingane, yilapho esiqale khona sambheka yonke indawo kodwa sangamthola,’’ kusho uNksz Mnduna.
Uveze ukuthi banikele emaphoyisedni emva kwamahora amabili bemthungatha bengamtholi, ukuyobika isigameko.“Awasisizanga ngalutho, kunalokho asitshela ukuthi asiphindele emuva siyombhekisisa kahle,’’ usho kanje.
Uthe bayakholwa wukuthi ukube asukumele phezulu, ngabe umsolwa akazange asithole isikhathi esanele sokuyolahla umufi esikhotheni.Ubuye wanxusa amaphoyisa ukuba abhukule, asebenze ngokuzikhandla ngoba bayakholelwa ekutheni umsolwa ngumuntu wasendaweni.
Uveze ukuthi sisesibi isimo kunina ka-Aphula njengoba nokudla kungangeni ngenxa yokubulawa kukamagcino wakhe.
Okhulumela amaphoyisa aKwaZulu-Natal, uLieutenant Colonel Nqobile Gwala, uthe amaphoyisa aseCato Manor aphenya icala lokubulala nelokudlwengula emva kokuthi kutholwe isidumbu sentombazane eneminyaka eyisithupha, sinezibazi zokuklinywa, eduze kwenkundla yezemidlalo iWiggins.