UMENGAMELI we-ANC, uCyril Ramaphosa, uxwayise izakhamizi zaseThekwini ukuba zingavumi ukukhohliswa amaqembu ezepolitiki enza izethembiso angeke azifeze.
URamaphosa uthe njengoba kubhekwe okhethweni lwangenyanga ezayo, amaqembu amaningi enza izethembiso angeke azigcine.
Ukusho lokhu ngesikhathi eqhuba umkhankaso wakhe wokhetho, eThekwini.
Umkhankaso kaRamaphosa waseThekwini uqale ngoLwesihlanu, eNanda.
NgoMgqibelo uRamaphosa uhlanagne nenkosi yakwaMlaba, kwaXimba, wahlangana nabamabandla, waphinde wakhankasa nasezindaweni ezingasePinetwon, kwaMaMdekazi naseMarianhill.
Utshele abaholi bamabandla ukuthi amaqembu amaningi akhankasela ukhetho athembisa nezinto angazi ukuthi azozenza kanjani uma enqoba ukhetho.
“Manje kunamaqembu amaningi ahamba ethembisa abantu ukuthi azobakhela izindlu. Labantu abakaze bakhe ngisho indlu eyodwa. Uma befika kunina benithembisa izindlu, anobabuza ukuthi bake bazakhaphi izindlu.”
URamaphosa uthe i-ANC kuphela engakwazi ukufeza izethembiso ezenza ebantwini bakuleli.
Uthe lokhu sebekwenze kusukela ngo-1994, ngesikhathi benqoba ukhetho okokuqala.
URamaphosa unxuse abantu ukuba baphinde banikeze i-ANC ithuba okhethweni oluzayo.
“Yebo sibe nawo amaphutha, kodwa sikwazile ukufeza okuningi esasikuthembisile. Asiphumeni sonke ngomhlaka 29 siyovotela i-ANC.”