BATHI sebehamba bejeqeza abashayeli bamaloli emuva kokungqongiswa kwamaloli awu-20 KwaZulu-Natal, Mpumalanga naseLimpopo kusukela ngeSonto.
Isolezwe lihambele echwebeni laseThekwini lapho abashayeli abacele ukungadalulwa amagama ngoba besaba ukulahlekelwa wumsebenzi, beveze ukuthi bayesaba ukuhamba ngawo njengoba kushiswa amaloli.
“Siyasaba ukuhamba emgwaqweni kodwa siyaphuma emakhaya sisebenze ngoba kufanele izingane namakhosikazi balale bedlile. Okusiphethe kabi wukuthi kubanjwa abafowethu, bakhonjwe ngezibhamu, bashaywe bathathelwe amaselula, imali nezinye izinsiza, bese kungqongiswa amaloli. Kunzima ukuba wumshayeli weloli kulesi sikhathi,” kuchaza omunye.
Uthe uyafisa ukuthi amaphoyisa atshalwe kuyo yonke imigwaqo emikhulu ehamba amaloli ngoba abenza lo mkhuba, babheka ukuthi yimiphi imigwaqo engenawo amaphoyisa bese becutha kuyo bawangqongisa.
“Sifisa ukuthi singahambi ibanga elide ngaphandle kokuhlangana namaphoyisa ngoba laba abashisa amaloli kubukeka beyihlele kahle into abayenzayo njengoba kungathi bayazazi nezindawo okubekwe kuzo amaphoyisa.
“Njengamanje siyasaba, impela sihambe sishaya umthandazo indlela yonke,” kusho umshayeli.
Kubuzwa omunye ukuthi ngabe ngabashayeli bakuleli yini abashisa amaloli, uthe akakholwa ukuthi yibona abashisa amaloli ngoba akusibona abantu abanodlame abanezibhamu ezinkulu kodwa-ke akazi.
Ucele ukuthi amaphoyisa aluphenyisise lolu daba ngoba yize kukhona izinkinga zokuqashwa kwabokufika kulo mkhakha kodwa sekukhona okukhulu okungaphezu kwalokho.
Ubalule ukuthi uhulumeni kufanele azihlole zonke izinkampani zamaloli ukuthi ziqashe abakuleli bese ejezisa eziqashe abokufika ngoba yizona ezenza kungabi nozinzo embonini.
“Abanye abaqashi bathatha abantu bokufika ngoba bengafuni ukusikhokhela imali eshaywe wuhulumeni ukuthi kufanele siyihole. Abafuni sithathe izinsuku zokuphumula, bajabulela ukuxhaphaza abokufika abangenandaba nokuqasha indawo yokuhlala, abajabulela ukulala elolini ukuze basebenze bathumele imali emakhaya.
“Uhulumeni kufanele aziphenye zonke izikhalo zabafowethu abangeneme ngokusebenza kwalo mkhakha,” kusho umshayeli.
Imizamo yokuthola ukuphawula komnikazi oshiselwe yiloli ayiphumelelanga njengoba abasondelene naye bekhale ngokuthi usekhathele wukuphinda into eyodwa entathelini.
UMnuz Gavin Kelly oyisikhulu esiphezulu seRoad Freight Association of South Africa, uthe uhulumeni kufanele aphenye umnyombo wakamuva wokushiswa kwamaloli ngoba ngokwazi kwakhe sekwehlile ukuqashwa kwabokufika kule mboni njengoba abaqashi abaningi beqasha abashayeli bakuleli.
Uthe amaphoyisa kufanele alandele wonke umkhondo, abheke nama-video avela ezinhlakeni ezihlukene ezibhekele ukuphepha ukuze kujeziswe abenza lo mkhuba ozoqumba phansi umnotho, uqede nemisebenzi emazingeni ahlukene.
Omunye umnikazi weloli obekhuluma kwiNewsroom Afrika uMnuz Bongani Phillip, we-LI Coal Clean Coal Gasification, uthe kushiswe iloli lakhe elithwala amalahle, ebelishayelwa wumuntu wakuleli.
Uveze ukuthi usebenze kanzima ukufika ezingeni akulona njengoba wakhuliswa ngabazali ababesebenza emajalidini.
Uthe ukusha kweloli elibiza uR3 million kusho ukuphela komsebenzi kumshayeli obelishayela nokungafiki kwamalahle lapho ebebheke khona. Okusho ukuthikamezeka komnotho.
Ucele uNgqongqoshe wamaPhoyisa ukuthi alusukumele phezulu udaba lokushiswa kwamaloli ngoba kuyacaca ukuthi bukhulu ubugebengu obuqhubekayo.