BAFE ujuqu abantu abathathu abadutshulwe eSihlabeni, eMuden bebuya ukuyovota entathakusa ngoLwesine.
Kubikwa ukuthi abagilwa abaneminyaka ephakathi kuka-22 no-25, baqhululwe ngenhlamvu ngesikhathi behamba ngemoto okubikwe ukuthi yebiwa eGoli.
Imibiko yamaphoyisa ithi amadoda amathathu abehamba nabesifazane abathathu aqede ukuvota kwase kuyiwa emzini onesitolo esiseduze nesikhungo sokuvota.
Kuthiwa bavukelwe abantu abangaziwa okusolakala ukuthi bebekade bebalalele unyendle, babadubula.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uColonel Robert Netshiunda, uthe kulimale owesifazane oyedwa waphuthunyiswa esibhedlela.
Udalule ukuthi abanye besifazane ababili baphume kulesi sehlakalo bengenamyocu.
Kwesinye isehlakalo esiseceleni, amaphoyisa aseWartburg maphakathi nesifundazwe aphenya icala lokubulala nelokuzama ukubulala emuva kokubulawa kowesilisa.
Umufi obeneminyaka engu-40 kusolakala ukuthi udutshulwe wafa ngesikhathi esemotweni bude buduze nesikhungo obekuvotelwa kusona esikoleni KwaSwayimana High, ngoLwesithathu ebusuku.
UNetshiunda uthe kubikwa ukuthi umufi ubehlezi emotweni nowesilisa ngesikhathi imoto iPolo emhlophe ipaka phambi kweyabo.
“Kusolakala ukuthi kuphume indoda ebiphethe isibhamu esikhulu yadubula ibhekise kubagilwa. Kuphangalale umuntu oyedwa, ohlonzwe njengoshonele endaweni yesigameko. Omunye uphume engenamyocu,” kusho uNetshiunda.
Uqhube wathi akwaziwa ukuthi bangobani abasolwa nembangela yalokhu kubulala.
Unxuse noma ubani ongaba nolwazi lokuthi bangatholakala kuphi abasolwa athinte amaphoyisa aseduzane noma athinte abeCrime Stop enombolweni yocingo ethi: 08600 10111.