LIQALE ngombhikisho icala lokuphoxa uhulumeni ukuthi aqede uhlelo lokunqamula ugesi, aqinisekise ukuthi izinhlaka ezithile okubalwa kuzo izikole, iziteshi zamaphoyisa nezibhedlela azicinyelwa ugesi.
LIQALE ngombhikisho icala lokuphoxa uhulumeni ukuthi aqede uhlelo lokunqamula ugesi, aqinisekise ukuthi izinhlaka ezithile okubalwa kuzo izikole, iziteshi zamaphoyisa nezibhedlela azicinyelwa ugesi.
Izolo amalungu eNational Union of Metalworkers of South Africa (Numsa) nawezinye izinhlangano abebhikisha ecula amaculo athi akuphele ukunqanyulwa kukagesi.
Isigaba sokuqala saleli cala besifakwe yi-United Democratic Movement (UDM) lapho ibifuna inkantolo ithole uhulumeni enecala lokuphula umthethosisekelo ngokunqamula ugesi.
Amajaji eNkantolo eNkulu eGauteng, asichithile lesi sicelo kwase kungenwa esigabeni sesibili.
I-UDM ayihambi yodwa kuleli cala lokuthi kuqedwe ukunqamuka kukagesi ne-ActionSA, Inkatha Freedom Party, Build One South Africa, Numsa nezinye izinhlangano nabantu abacikwe wukunqamuka kukagesi.
Umholi weBuild One South Africa, uMnuz Mmusi Maimane, uthe bazoqhubeka nokulwa nenkinga yokunqamuka kukagesi besebenzisa umthetho ukuze uphoqe uMengameli Cyril Ramaphosa nohulumeni wakhe ukuba bangawucimi ugesi ezinhlakeni ezibalulekile ezweni.
“Kuyimanje abameli bombuso bathe uyahlela ukuthi kube nezinhlaka ezithile ezinganqanyulelwa ugesi. Lokhu sikubona kuzoqinisekisa ukuthi iyaphela inkinga yokucima kukagesi ngoba kuphazamisa yonke into ezweni, kusukela empilweni yabantu, izimboni nomnotho wonkana,” kusho uMaimane.
Umholi we-Action SA uMnuz Herman Mashaba, uthe ukunqamuka kukagesi kunomthelela omubi kubona bonke abantu baseNingizimu Afrika yingakho benqume ukuthi baye enkantolo ukuze kube yiyona ephoqa uhulumeni ukuthi anike abantu ugesi ngaso sonke isikhathi.
Icala liyaqhubeka.