ZIZOSONGWA namuhla izingxoxo zamaholo abasebenzi base-Eskom abafuna ukuthi anyuswe ngo-15%.
Izingxoxo ziqale ngoLwesithathu kanti zibekelwe izinsuku ezintathu.
INational Union of Metalworkers of South Africa (Numsa) izwakalise ukungenami ngokuthi abaphathi base-Eskom abasigcini isikhathi njengoba izingxoxo bekufanele ziqale ngo-9 ekuseni kodwa zaze zaqala ngo-12:45 emini.
“Izingxoxo ziqale sekudlule isikhathi kwiCentral Bargaining Forum (CBF) ngenxa yokuthi izikhulu zase-Eskom bekufanele zibhale phansi izethulo zazo. Kuzithathe amahora amathathu ukuthi ziphendule. Okusicikayo wukuthi zithi ezinye izimfuno zabasebenzi akufanele zixoxwe kwiCBF kodwa kufanele ziye kwezinye izinhlaka,” kusho uNkk Phakamile Hlubi-Majola okhulumela iNumsa.
Uthe abasebenzi bafuna ukunyuselwa amaholo ngo-15%, kusayinwe isivumelwano seminyaka emibili, kulungiswe igebe eliphakathi kwamaholo abasebenzi.
Bafuna abakhulelwe bathole imaternity leave yezinyanga eziyisithupha ezizokhokhelwa nezinsuku eziwu-14 zepaternity leave emadodeni.
Bafuna umqashi akhokhe u-80% we-medical aid, abasebenzi bakhokhe u-20%.
Abafuni kube neziteshi zikagesi ezivalwayo ngisho nezamalahle okuke kwathiwa zizovalwa njengoba izwe lifuna ukwenza ugesi ohlanzekile.
Bafuna isibonelelo sezindlu sinyukele ku-R1175.
Okwamanje i-Eskom ibeke etafuleni u-3.75% wokunyusa amaholo nokuthi izosayina isivumelwano sonyaka owodwa.
“Siyakugxeka ukulibazisa kwe-Eskom efuna kubhungwe izimfuno zamaholo kuphela kwiCBF, ezinye izimfuno ithi aziye kwezinye izinhlaka. Asiyithandi nale nto yezikhulu zakhona yokumosha isikhathi. Izinyunyana besezithumele izimfuno zazo ngoLwesine lwesonto elidlule, asazi kungani i-Eskom isizenza sengathi iyaqala ukuzwa lokhu, isithatha amahora amathathu ukubhala izimpendulo,” kusho uNkk Hlubi-Majola.
Uyichithile nemibiko yokuthi ukunqamuka kukagesi okwenzeka njengamanje kungenxa yezingxoxo zamaholo eziqhubekayo, wathi lokhu kungenxa yezikhulu ezingaphethe kahle.
Uthe abahambisani nokuthi kuvalwe iziteshi zamalahle eziphehla ugesi owu-5 000MW ngo-2025 nezinye eziphehla ugesi owu-11 000MW ngo-2030.
Ugxeke izintatheli ngokusabalalisa imibiko yokuthi abasebenzi base-Eskom bahola kahle ngoba lokho akusilo iqiniso.
Uveze ukuthi izindleko ze-Eskom ezinkulu zenziwa abakhiqiza ugesi ngokuzimela, ukubiza kwamalahle, ukuthengwa kukadizili, hhayi ukuholelwa kwabasebenzi.