ABEMBONI yezinkukhu bafuna kuphasiswe umgomo womkhuhlane wezinkukhu njengoba bethi lesi sifo sithula kancane sibuye sivumbuke.
UDkt Abongile Balarane we-SA Poultry Association, uthe sekuphele izinyanga belindele ukuthi obeNgqongqoshe wezoLimo, uNkk Thoko Didiza, uzophasisa umgomo womkhuhlane wezinkukhu.
Ekhuluma kwi-East Coast Radio, uDkt Balarane, uthe ukuphasiswa komgomo womkhuhlane wezinkukhu uzosiza abazifuyile ukuthi bakwazi ukuza nezinhlelo zokugwema lesi sifo.
Uveze ukuthi bafuna kube nohlelo olungambi eqolo lokuvikela izinkukhu emkhuhlaneni olungeke ludle imali yabalimi abancane.
“NgoNovemba wonyaka odlule, uhulumeni washicilela imithetho okufanele ilandelwe uma kugonywa izinkukhu. Kwatholakala ukuthi le mithetho inzima ngeke bakwazi ukuyilandela kahle abalimi. Sicela imithetho elula ezophephisa izinkukhu kodwa kube lula nakubalimi ukuthi bayilandele,” kusho uBalarane.
Kuzokhumbuleka ukuthi isifo sezinkukhu saqubuka ngonyaka odlule, kwanyuka amaqanda nenyama yenkukhu.
Inyunyana yabasebenza ngokudla, iFood and Allied Workers Union (Fawu), igqugquzele uhulumeni ukuthi asheshise ngalo mgomo ukuze kuzovikelwa imboni yakuleli.
Iveze ukuthi uma lungacacile uhlelo lokugoma izinkukhu zakuleli kuba nzima ukuthi inyama yazo idayiswe kwamanye amazwe lokhu kuholela ekutheni kwande amaphisisi avela kwamanye amazwe azogcina eqeda imisebenzi embonini yenkukhu.