INKANTOLO yeMantshi yaseMlaza ilihlehlisele inyanga ezayo icala labasolwa ababili kwelokubulawa kobehamba ngesihlalo esinamasongo waseMlaza, ohlaselwe wadutshulwa ekubo ngenyanga edlule.
UMnuz Siyabonga Ngubane (36) noMnuz Sithembiso Khomo (23), abebevele enkantolo izolo, baboshwe ngenyanga edlule ngosuku okudutshulwe ngalo uSimanga ‘Katsande’ Khumalo (29) okuthiwa ubesehamba ngesihlalo sabakhubazekile emva kokudutshulwa ngo-2021.
Abasolwa bangene enkantolo befaswe ngozankosi kanti bekulindeleke ukuthi kulalelwe isicelo sabo sebheyili njengoba bese bevela okwesithathu ngaleli cala. Inkantolo inqume ukulihlehlisela uMeyi 27 leli cala ukuze kuphenywe. Okube ngenye yezimbangela zokuhlehla kwalo, uKhomo ngesikhathi evela okokuqala kuthiwa watshela inkantolo ukuthi umndeni wakhe uzomtholela ummeli okhokhelwayo okuthe izolo ilungu lomndeni laveza ukuthi ngeke babe nayo imali yommeli, kwaphoqa ukuthi athathe okahulumeni.
Babhekene namacala amahlanu okukhona kuwo elokwakha nokuhlela itulo lokubulala, elokubulala, elokutholakala nesibhamu esingekho emthethweni nelokutholakala nezinhlamvu.
Ilungu lomndeni kamufi, elingathandanga ukudalulwa, likhale ngokuthi abasolwa babambezela icala.
“Siwumndeni siyafisa ukuthi kusheshiswe ukuqulwa kwalo ukuze abasolwa bathole izijeziso ezibafanele. Okubuhlungu ukuthi babengaze badubule umuntu okhubazekile, ohamba ngesihlalo pho. Wayengenabo ubungozi kubona,” usho kanje.
UKhumalo udutshulwa nje besekuvele kuphele iminyaka emibili ehamba ngesihlalo sabakhubazekile emva emva kokudutshulwa ngo-2021 ecaleni okuboshwe kulona umsolwa owaziwayo okukholakala ukuthi nguyena othumele izinkabi esejele.
Kuthiwa ngaphambi kokuba adutshulwe, wathola izinsongo zothile owafona ethi akasule icala lokuzama ukubulala elibhekene nomsolwa (osejele) kungenjalo bazomenzakalisa.
Umufi kuthiwa wakhubazeka ngesikhathi abathile bembamba inkunzi engena kubo, bamshaya ngenduku yegalofu ngaphambi kokuthi bamphuce ifoni yomsebenzi. Kuthe uma ebikela unina, wahamba naye ukuyobikela unina kamsolwa ngokwenzekile, bafike bacela ukubuyiselwa i-sim card. Umsolwa kuthiwa ebabona kubo akazange abuze, wadubula ebhekise kuKhumalo, kwaba wusuku agcina ngalo ukuzihambela ngezinyawo.
Inkantolo ibigcwele abomndeni namalungu omphakathi azwelana nabakwaKhumalo kanti abekhona namalungu emindeni yabasolwa.