UMHLAZIYI wezepolitiki waseNyuvesi yaKwaZulu-Natal, uMnuz Siyabonga Ntombela, uthe kubalulekile ukuthi i-ANC ishushise uMnuz Jacob Zuma ngaphambi kokhetho.
Uphawule kanje emuva kokuthi i-ANC ibizele owayengumengameli, uJacob Zuma, osekhankasela iMK, esigcawini sokuqondisa ubugwegwe.
Ngokwamaphepha okumbiza kulesi sigcawu, uZuma uzoqondiswa ubugwegwe ngoLwesibili ekomkhulu le-ANC, iLuthuli House.
UZuma ubhekene namacala amabili okuphula imigomo ye-ANC.
Icala lokuqala elokugqugquzela abantu ukuthi bavotele iqembu elizokube lincintisana ne-ANC okhethweni.
Ngonyaka owedlule, uZuma wagqugquzela abantu ukuthi bakhiphe i-ANC emandleni, wabacela ukuthi bavotele iMK.
Icala lesibili elokuba yilungu leqembu elincintisana ne-ANC.
UZuma uvela ohlwini lwamalungu eMK aphakanyiselwe ePhalamende.
"I-ANC kufanele iye okhethweni yazi ukuthi uZuma umi ngakuphi. Uma uya empini udinga ukuya namasosha owethembayo. I-ANC ibingeke ithi izoyeka ukushushisa uZuma ngenxa yokuthi sekusondele ukhetho. Abakwazi ukumisa izinhlelo zabo ngenxa yokuthi kuza ukhetho," kusho uNtombela.
Uthe kubalulekile ukuthi i-ANC izwe uhlangothi lukaZuma.
"Angicabangi ukuthi lento ayenzayo uyenziswa ukuthi ufuna ukubuyela ePhalamende. Ngisola sengathi emva kokhetho uzophakamisa omunye umuntu ukuthi ayohola iMK ePhalamende. Kufanele bezwe ukuthi ngempela yini lena ayifunayo."
UNtombela uthe amalungu eMK azosebenzisa lesi sigcawu ukuqhuba umkhankaso wabo
"Bazokuthi uZuma uyacindezelwa. Bazokuthi ukhishwa ezinkantolo, manje useyashushiswa. Bazoveza uZuma njengomuntu osukelwayo."
Okhulumela iMK, uMnuz Nhlamulo Ndhlela, uthe bazomphelezela uZuma uma eseyovela phambi kwesigcawu sokuqondisa ubugwegwe.
"Sizophuma ngobuningi bethu. I-ANC asiyethembi nakancane. Kunabaholi be-ANC abasongela uZuma, emva kwalokho wavelelwa ingozi yemoto. "
UNdhlela uthe umthethosisekelo uyamvumela uZuma ukuthi abe yilungu le-ANC aphinde akhankasele iMK.
Okhulumela i-ANC, uNkk Mahlengi Bhengu-Motsiri, uthe isinqumo sokubizela uZuma esigcawini sokuqondisa ubugwegwe sikhombisa ukuthi i-ANC izimisele ukubhekana nabaphula umthetho.
UNkk Bhengu-Motsiri uthe uZuma uzothola ithuba lokuziphendulela.
UZuma uxwayiswe ngokuthi isigcawu sokuqondisa ubugwegwe sizoqhubeka noma engekho.