SEBEQALE umkhankaso abesifazane abasonta ebandleni iNazareth Baptist elidume ngoShembe, bafuna ukuvunyelwa ukuthatha isithembu.
Umkhankaso usashaywa umshoshaphansi, abawuholayo besaba ukuphumela obala ngoba bethi bangafa nokufa. Indaba isuke ngokuxoshwa kowesifazane okuthiwa usolwa ngokuthi unamadoda amane.
Oxoshiwe uyingoduso yenye yamadoda abaliwe okuthiwa ubeyitshela ukuthi amadoda asolwa ngawo, nawo angamaNazaretha, angabangani bakhe. Umyeni ufake isikhalo emkhandlwini olwa nokuhlukunyezwa kwamaNazaretha, iNazareth Judiciary Council (NJC), ngenyanga edlule. Uthe ingoduso ike yaduka amasonto amabili iye kwenye indoda, ehlala emqashweni, eJozini.
Kugcine kuvele ukuthi kulawa masonto amabili ilahlekile ibivakashele amadoda amathathu ethandana nawo, wonke ahlala emiqashweni eseJozini. Ezindlini okuhlala kuzo amasoka kuthiwa kunezimpahla zengoduso esolwayo.
Omunye wabesifazane ohola umkhankaso, oyingane yomshumayeli odumile eThekwini, ucele ukungadalulwa ethi ufuna baze babe sesigabeni abazokwazi ukuphumela kuso obala ngempilo abayiphilayo. Uthe baningi abesifazane abashadile noma abalotsholwayo kodwa abanomakhwapheni.
“Ngesikhathi ngiluzwa lolu daba kwakugxekwa owesifazane oxoshelwe ukuba namadoda amane kuthiwa akaziphathanga kahle. Okungenze ngaqala lo mkhankaso wukuthi ukube bekuyindoda ethe ilobola yaqonywa ngabanye besifazane, ibingeke ikhonjwe indlela wumkhandlu. Bekuzothiwa ayithathe isithembu uma ithanda. Kungani kungashiwo okufanayo ngabesifazane, bona abakwazi yini ukuthanda abantu abangaphezulu koyedwa?” kubuza umholi womkhankaso.
Uthe uyazi ukuthi kuleli bandla isithembu sivumelekile emadodeni kodwa kuthiwa indoda mayivunyelwe ngunkosikazi wokuqala ukuba isithathe.
“Ayabalwa amadoda anesithembu avunyelwa ngamakhosikazi awo ukuthi awalamanise, iningi litshela inkosikazi ukuthi seliyathatha futhi. Abanye baqamba amanga bathi bathathela abafowabo abashonelwa omakoti. Nathi asivunyelwe sithathele odadewethu no-anti abashona bengaganile abayeni.”
Uthe akaboni ukuthi kumele abantu bakhathazeke ngokuthi uma kuzalwa ingane kuleso sithembu kuzoba ngekabani ngoba yena uzobe ekhona ewunina wengane futhi abashade naye bazobe bazi ukuthi basesithenjini.
UMnuz Willington Myeni weNJC uvumile ukuthi kunowesifazane okhonjwe indlela ngemuva kokuthi umyeni wakhe ekhale ngokuthi umbhangqe namadoda amathathu, naye wavuma ukuthi uyawazi amashende uke wathandana nawo elotsholwa kodwa wathi usehlukene nawo.
“SingamaNazaretha silandela umthetho owashaywa yinkosi * -Isiah Shembe. Akukho lapho esitshela khona ukuthi abesifazane bayoba nesithembu, ngakho siyawuchitha lowo mkhankaso. Lo wesifazane simbone eyisibonelelo esingesihle,” kusho uMyeni.
Umyeni walo wesifazane ethintwa ngodaba ushaye ngezimfishane wathi: “Lokho kwenzeka kodwa angithandi ukukhuluma ngakho ephepheni,”
Ucingo lowesifazane othintekayo belungena kwi-voicemail, imiyalezo ashiyelwe yona akayiphendulanga.
U-Advocate Nombulelo Sekeleni osebenza ngezindaba zemindeni uthe umthetho olawula umshado wesintu uthi oshadile kumele avunyelwe ashade naye ukuthi athathe isithembu, awubaluli ukuthi ovunyelwayo kumele kube ngowesilisa noma ngowesifazane.
USolwazi Jabulani Maphalala uthe ngokwesintu owesifazane olotsholwayo akabe esaqoma, uma ebona ukuthi omlobolayo usedonsa izinyawo, uyathwalwa ngesivumelwano yilowo afuna ukumgana.
“Yilokho engikwaziyo ngeke ngiphawule ngowesifazane onabayeni ababili ngoba akukaze kwenzeke lapha kithi, ngeke ngikhulume ngezinto zakwamanye amazwe.
Ulwazi olutholakala kwi-internet kwiwebsite iwww. wikipedia .org lukhombisa ukuthi e-United States kuvumelekile ukuthi owesifazane ashade nabayeni ababili kuya phezulu.