BAFUNA angayitholi ibheyili usopolitiki waseGreytown osolwa ngokunukubeza ngokocansi indodakazi yakhe eneminyaka eyisikhombisa ebimvakashele.
Usopolitiki (60) elingeke lidalulwe igama lakhe okwamanje ngoba akakaveli enkantolo, uboshwe ngempelasonto ngalezi zinsolo.
Ngokuthola kwaleli phephandaba kuninakhulu wengane, le ntombazanyana nomfowabo bajwayele ukuvakashela uyise babuye kwagogo.
"Unina walezi zingane washona ngo-2019. Bengimnika uyise uma ezicelile, ngithi ngenzela ukuthi zithole uthando lukayise. Anginalo ulwazi ukuthi uyise wayinukubeza nini ingane.
Ngithintwe ngunina wayo ongayizali oshade noyise, ngoJulayi 16 ethi ubone igazi esihlalweni sethoyilethi. Uma ezibuza izingane ukuthi kukhona olimele ziyaphika, ucela ngikhulume nazo," kusho yena.
Uthe le yentombazane bayihambise esibhedlela ukuze iyohlolwa ngoba eyomfana ibingenalutho.
"Esibhedlela baqinisekisile ukuthi inukubeziwe, iyopha, oyinukubezile uyisulele nangesifo socansi. Yalaliswa esibhedlela ukuze yelashwe, obekuhambisana nokuthi kufike osonhlalakahle bazokhuluma nayo.
Iqale yakhomba umfana oneminyaka eyisishiyagalombili, yathi uyifake umunwe. Uma isitshelwa ukuthi umonakalo okhona kuyo akuwona owomunwe noma owenye ingane, yase isho ukuthi uyise uthe ingatsheli muntu.
Ngiphoxeke kakhulu. Ngifuna aboshwe agwetshwe ngalesi senzo sakhe. Ngesaba nokumbheka. Selokhu ngizwe ngalesi sigameko ubeshaya ucingo, ngingalubambi ucingo lwakhe ngoba kangiboni ukuthi yini okumele siyixoxe," kusho uninakhulu wengane.
Umphakathi wakule ndawo, obucabanga ukuthi umsolwa uzovela enkantolo izolo, ubumasha enkantolo yemantshi yakule ndawo, ufuna ukuthi umsolwa anganikezwa ibheyili.
IMeya kaMasipala uMvoti, uMnuz Philani Mavundla, ebiyingxenye yabebemasha, ithe bewumphakathi bafuna umsolwa angadedelwa ngebheyili, uma esegwetshwa inkantolo imnike isigwebo esikhulu.
"Umsolwa uwusopolitiki oke wangenela ukhetho. Kusho ukuthi ukube wayekhethiwe wubezodlwengula izingane zethu uma zifike zizocela usizo kuye njengekhansela," kusho uMavundla.
Uthe ngoLwesihlanu olwedlule bebeneSibaya saMadoda, okunye abebekukhuza wukuhlukunyezwa kwezingane nabesifazane kanti nomsolwa ubekhona.
UCol Robert Netshiunda okhulumela amaphoyisa kulesi sifundazwe, ukuqinisekisile ukuboshwa kukasopolitiki.
Uthe uphiko lwamaphoyisa aseGreytown olubhekele amacala athinta ucansi, lubophe owesilisa waseMatimatolo oneminyaka ewu-60, osolwa ukuthi unukubeze ingane yakhe eneminyaka eyisikhombisa.
Uthe umsolwa bekumele avele izolo kodwa ebebesenkantolo bathe ukuvela kwakhe kuhlehliselwe inamhlanje.