YENQABILE ukushenxa eNkantolo yeMantshi yasePort Shepstone, imantshi esolwa ngokuthatha uhlangothi lukadokotela (42) osolwa ngelokudlwengula isiguli (20).
Ngokusho kukaMxhumanisi we-ANCWL nobehola imashi yamalungu omphakathi nosonhlalakahle bendawo ngaphandle kwale nkantolo, uNkk Nombuso Mngadi, ezinye izisebenzi zesibhedlela zibhale zasayina incwadi zifuna ishenxe.
UNkk Mngadi uthi emva kokufundwa kwale ncwadi ebinamaphuzu ahlaba ukuziphatha kwemantshi kuleli cala kuthiwa yale yaphetha ukubuyela eceleni.
“Phakathi kwawo ubesolwa ngokuthatha uhlangothi lukadokotela nokulibazisa ukuqulwa kwecala,” kusho uNkk Mngadi.
Uthe imantshi ithe ngeke ibuyele eceleni ngoba amaphuzu abekwe encwadini awanabo ubufakazi. Icala lihlehliselwe u-Okthoba 5, nonyaka.
Ngesikhathi kwenzeka isigameko nyakenye, umsolwa kuthiwa wayesebenza esibhedlela iPort Shepstone, engudokotela khona.
Kuthiwa kwafika umgilwa (20) ezofuna usizo lwezempilo ngesifo esithize esasimphethe ngaleso sikhathi.
Kubikwa ukuthi umsolwa wabe esetshela umgilwa ukuthi kuzodingeka ukuthi amfake umunwe esithweni sakhe sangasese njengenye yezindlela zokumhlola.
Kuvela ukuthi wakwenza lokho kodwa wangagcina lapho njengoba kuthiwa wagcina esemfaka isitho sakhe sangasese umgilwa.
“Kuthiwa wakhala kwezwa wonke umuntu, waphuma egunjini engasizakele,” usho kanje.
Uthe bakhona ofakazi ababhalisa nezitatimende abasebenza khona esibhedlela.
“Okumangazayo ukuthi isiphi isizathu esidala ukuthi icala lilokhu limi ndawonye ngoba bonke ubufakazi bukhona?” kubuza uNkk Mngadi.
Uthe bazolokhu belulandele udaba ngoba bayafuna ajeze umsolwa.
“Sidinga liqulwe, ajeze ngesigwebo esimfanele. Asikwazi ukuthi abuyele emphakathini. Lo muntu uyingozi futhi usebenza nasesibhedlela somphakathi, asimdingi ngaphandle ngoba lokho ngabe kusho ukuthi asiphephile.” kusho yena.
Uveze ukuthi okunye okuvelayo ngomsolwa ukuthi ubengaqali kwenza icala elifana naleli.
Uphethe ngelithi ngisho nezitifiketi zakhe zobudokotela, bekufanele aphucwe zona ngoba uzisebenzisela ukwenza ubugebengu kubantu besifazane.