ISOUTH African Federation of Trade Unions (Saftu) neQina National Public Transport Workers Association edume ngeQina Mshayeli, bafuna abashayeli bamatekisi babe namalungelo afana nawabanye abasebenzi.
NgoLwesithathu lezi zinhlangano zibhalele uNgqongqoshe wezabaSebenzi, uMnuz Thulas Nxesi zimcela ukuthi alubheke kabanzi udaba lokubhaliswa ngokusemthethweni kwabashayeli bamatekisi nabo bonke abasebenzela emarenki.
Okhulumela iSaftu uMnuz Trevor Shaku, uthe ukubhaliswa ngokusemthethweni kwabashayeli bamatekisi nabo bonke abasebenzi baserenki kuzoqinisekisa ukuthi bathola izibonelelo ezitholwa ngabanye abasebenzi.
Ubalule ukuthi bonke abanikazi bamatekisi babhaliswe njengabaqashi ngakho kufanele bathole imihlomulo etholwa ngabanye abaqashi futhi nabo badlulisele imihlomulo enikwa abanye abasebenzi.
Lokhu uthe kuzosiza abashayeli bathole imali ye-Unemployment Insurance Fund (UIF) uma bephelelwa wumsebenzi bakwazi nokuqeqeshelwa amanye amakhono njengoba kwenzeka kweminye imikhakha.
Uthe uhlelo lwabo alubhekeli kuphela abashayeli kodwa bazocela uNxesi ukuthi akhulume naboMnyango wezokuThutha ukuze bakhiphe isibonelelo samatekisi njengoba bebonelela abanikazi bamabhasi.
Uphethe ngokuthi osomatekisi abaqashi kuphela abashayeli nalabo ababhekela olayini babagibeli kodwa kukhona nabahlanza irenki, ababhekele ezokuphepha, omabhalane nabanye abasebenzi abaningi okufanele bathole imihlomulo etholwa ngabasebenzi beminye imikhakha.
Okwamanje iSaftu neQina Mshayeli basazolinda impendulo encwadini abayithumele.