BAKHATHAZEKILE abazali bezingane ezifunda esikoleni iNtathakusa High, eBergville okuthiwa sekungenele esontweni lesihlanu ziduve emakhaya emva kokumiselwa ukulwa esikoleni.
Abafundi okuthiwa bevile kwabayishumi bafunda u-Grade 10 kuya ku-Grade 12, bamiswe isigungu esibhekele ukuqondiswa kobugwegwe esikoleni emva kokulwa emagcekeni esikole ngoFebhuwari. Kuthiwa impi yabo isuswa ukupiklelana, njengoba abanye behlala elokishini, abanye bengabasemapulazini.
Umzali okhathazekile ongathandanga ukudalulwa ukuvikela ingane yakhe, uthe ikomiti lesikole elengamele lolu daba, lilokhu lihlehlisa lingaphumi nesinqumo, okubakhathazayo njengoba kuhamba isikhathi.
“Angiphikisani nokuthi izingane zijeziswe uma zonile, kodwa azingaphucwa ilungelo lokufunda. Besilokhu sibizelwa emhlanganweni kodwa isikole singaphumi nesinqumo. Sitshelwe ukuthi udaba selusingethwe ihhovisi loMnyango wezeMfundo,” usho kanje.
Uthe batshelwe ukuthi umnyango ufuna isikole sidlulisele uhlu lwabafundi abalwayo esikoleni.
Uthe ukulwa kwabo akusiyo into eqhubekayo kodwa kwaba yinto yangalelo langa kanti abakutholayo ukuthi kwapiklelana izingane ezihlala elokishini elikuleya ndawo nezihlala emapulazini.
Omunye umzali uthe isikole kumele siqhamuke nendlela yokuxazulula lesi simo kodwa kuqikelelwe ukuthi izingane azilahlekelwa imfundo.
“Esikufisayo ukuthi izingane zibuyele esikoleni zifunde. Ingane yami nekadadewethu ezifunda uGrade 10 zijika nelanga ngenxa yalesi simo, ” kubalisa yena
USihlalo wesigungu esilawula isikole uMnuz D.A Hlongwane ukuqinisekisile ukumiswa kwabafundi abalwa esikoleni wathi udaba lusingethwe wumnyango.
“Sinenkinga enkulu kulesi sikole. Othisha bafunda besaba izingane zingena nezikhali ezinkulu esikoleni. Lolu dlame lwabafundi selunesikhathi lwaqala kangangoba nyakenye singcwabe umfundi ngenxa yalo yingakho konke sekudluliselwe emnyangweni ukuze kube yiwona ophuma nezinqumo, ” usho kanje.
Uthe i sikole senze kahle ku-matric ngonyaka odlule sithola imiphumela engaphezu kuka-90%, kodwa isimo sobudlova kubafundi singaphazamisa umgqigqo yingakho kumiswe nabafunda u-matric abathinteka odlameni. Uqinisekise ukuthi baningi abamisiwe nakuba engasishongo isibalo esishaya emhloleni.
UMnuz Muzi Mahlambi okhulumela uMnyango wezeMfundo akayiphendulanga imibuzo athunyelelwe yona ngalolu daba.