ISIMO besimuncu esiteshini samaphoyisa KwaMashu, izolo, kulandela ukuthi amaphoyisa amabili akulesi siteshi abanjwe enza ubugebengu njengoba elilodwa lidutshulwe labulawa, elinye lakhalelwa ngamasongo kaSgonyela.
La maphoyisa kusolakala ukuthi abeyingxeye yezigebengu eziyisishiyagalolunye ezisolwa ukuthi zibambe inkunzi esitolo e-Richmond Farm, okuthe uma sezikakwe amaphoyisa eLindelani, eNtuzuma, ngeSonto, zadubula amaphoyisa aphindisela kwashona ezintathu. Esisodwa bekuyiphoyisa lakuso lesi siteshi.
NgoMsombuluko, elinye iphoyisa lakulesi siteshi elikwazile ukubaleka ngesikhathi kudutshulwana yize bese lidubuleke engalweni, likhalelwe amasongo kaSgonyela likwesinye sezibhedlela enyakatho yeTheku lelashwa inxeba lokudutshulwa.
Umthombo waleli phephandaba okuso lesi siteshi, uthe isimo besimuncu kungasebenzeki ngenxa yalezi zindaba.
“Siphoxeke kakhulu ngesikuzwile ukuthi ozakwethu ebese sinesikhathi sinabo sithole ukuthi bebeyingxenye yethimba lezigebengu,” kusho lo mthombo.
Uthe abanye ozakwabo bebengakholwa becabanga ukuthi kunephutha kuze kube bakhonjiswa izithombe.
Iphoyisa eliboshwe esibhedlela liwu-constable, kanti elishonile liwusayitsheni.
Okhulumela amaphoyisa kulesi sifundazwe, uLt Col Colonel Robert Netshiunda, uthe iphoyisa eliboshiwe u-constable oneminyaka engu-38, kanti elishonile belingakadalulwa igama lalo kodwa ozakwabo balichaze njengosayitsheni obeseneminyaka eyevile ku-20 eyiphoyisa.
"Umsolwa oboshwe esibhedlela kulindeleke ukuthi avele enkantolo maduze nje," kusho uNetshiunda.
UNgqongqoshe wamaPhoyisa, uMnuz Senzo Mchunu obehambele eMlaza lapho kudutshulwe khona abantu abayisithupha bashona, ngoMsombuluko, ephawula ngalesi sigameko, uthe baphoxekile ngokuthi kubasolwa bekunamaphoyisa.
"Siyawanxusa amaphoyisa ukuthi noma ngabe abhekene nasiphi isimo angangeni ebugebengwini. Kuyasikhathaza futhi kwenza nokuthi sibheke izinhlelo zethu zokuqasha amaphoyisa ukuthi amaphoyisa kube yiwo enza ubugebengu. La maphoyisa ebusuku ngoMgqibelo abesemsebenzini. Aphuma ekuseni ayozibandabakanya nobugebengu. Amaphoyisa amaningi asebenza kahle kodwa lesi sigameko sisiphoxile," kusho uMchunu.
UKhomishana wamaPhoyisa KwaZulu-Natal, uLt General Nhlanhla Mkhwanazi, uthe abasolwa bangamaphoyisa baphume emsebenzini bayokwenza ubugebengu besagqoke umfaniswano wamaphoyisa.
Kusolwa ukuthi abasolwa bebeyisishiyagalolunye ngesikhathi beficwa ngamaphoyisa komunye wemizi eLindelani.
Ngokuthola kwaleli phephandaba, iphoyisa elisale enkundleni lingelokuzalwa eMabheleni, kuthiwa like lasebenza esiteshini samaphoysisa eNtuzuma kodwa belisesiteshini saKwaMashu. Ozakwabo bathi belingakukhonzile ukukhuluma kakhulu.
Eliboshiwe, ozakwabo balichaza njengomuntu ozikhululekele, naye osenesikhashana ekhona embuthweni wamaphoyisa. Isolezwe lithole ukuthi uhlala eNtuzuma eduze kwalapho amaphoyisa eqale khona ngesikhathi efuna umkhondo wabasolwa.
Kuchaphazeleka lawa maphoyisa nje esigamekweni sobugebengu, sikhulu isililo ngobugebengu obudla lubi emgwaqweni uDumisani Makhaye ongakwaMashu nasehostela lakule ndawo. Kuke kwavela ne-video ekhombisa abafana abasebancane bephethe futhi beqhumisa izibhamu emini kwabha ehostela.
Amaphoyisa akhulume neSolezwe angagunyaziwe ukukhuluma nabezindaba, akhale ngobugebengu obusehostela abathi budla lubi ngale ndlela yokuthi budinga izinsiza eziningi nokuncipha kwesibalo samaphoyisa nakho kunomthelela.
Khonamanjalo, izolo ntambama amaphoyisa adubule abulala abasolwa ababili okuthiwa bebefunwa eStanger. Ngesikhathi sokushicilela abesamatasa endaweni yesigameko.