LUSUSE umsindo uhlelo lokuxhaswa kwezinhlangano zamabhizinisi ezaqalwa ondlunkulu bamakhosi ezindaweni zasemakhaya ukufukula umnotho njengoba kuthiwa abanye baphuma beshwiba izandla ngesikhathi kudluliswa izinsiza- kusebenza, emcimbini obuseMnambithi, ngoLwesihlanu.
Lolu hlelo loMnyango wezokuBusa ngokuBambisana nobuHoli boMdabu KwaZulu-Natal olubizwa ngokuthi Ondlunkulu Rural Economic Development Programme, belwethulwa ngokusemthethweni. Kuthiwa kuhloswe ngalo ukuhlomulisa abesifazane abenza imisebenzi ehlukene ukususa ikati eziko nokufukula umnotho wasemakhaya ngokuxhasa izinhlangano ezaqalwa ondlunkulu bamakhosi ngenhloso yokwenza umehluko emphakathini.
Nakuba injabulo ibinkulu kwabanye abahlomulile, kodwa ababuye belambatha baphume bedemelayisa njengoba kumenyezelwe izinhlangano ezingu- 40 kuphela ekubeni bonke abebefake izicelo bebelindele ukuthi amabhizinisi abo azohlomula kulolu hlelo lomnyango olubekelwe izigidi.
Ezinkulumeni zondlunkulu abangeneme okuthiwa ziputshuke bexoxa eqoqweni labo kwi-WhatsApp, omunye ezwini eliqoshiwe uzwakala esola umnyango ngokuchema nondlunkulu bamakhosi aziwayo naseke ahola ezinhlakeni ezithile ngaphansi kohlaka lweNdlu yabaHoli boMdabu KwaZulu-Natal, eveza ukuthi undlunkulu kaSihlalo walolu hlaka Inkosi Sifiso Shinga nowePhini likaNdunankulu kaZulu Inkosi Phathisizwe Chiliza nabanye abavela emakhosini anamagama, bahlomulile.
“Lezi zinto ezabantu vele abanemali, abasezikhundleni izinto zitholwa yibona. Futhi ngeke isayekwa, Ogwini nje kunjalo. Abanye baphume no- R300 000. Mina ngisheshe ngayibona nje le nto ngize ngasho ngathi imali iyakwazi kwabo,” kubalisa omunye.
Omunye uthe wathatha imali yakhe yokugcina ehambisa amafomu okufaka isicelo kulolu hlelo ngethemba lokuthi uzobhekelwa. Bathi izikhulu zomnyango zahambela ezindaweni, kuthathwa nezithombe zezinhlelo abazenzayo sekuyamangaza ukuthi sekuqokwa abangu- 40 kuphela futhi akucaci ukuthi kulandelwe miphi imigudu ngokuqokwa kwabo.
Okhulumela uMnyango wezokuBusa ngokuBambisana KwaZulu-Natal uMnuz Siboniso Mngadi ukuchithile ukuthi ondlunkulu bamakhosi asezinhlakeni kuphela abahlomula kulolu hlelo.
“Lolu uhlelo oluqhubekayo njengoba umnyango ubeke eceleni u- R10 million ukubhekana nalo. Kulaba abawu- 40 bokuqala, eminye yemigudu ebilandelwa bekunikwa asebevele banamabhizinisi asesebenza kodwa kungasho ukuthi abangahlomulanga ngeke besahlomula, kusuka kuleli sonto, umnyango uzoqala uthinte bonke abanye okumele bahlomule abafake izicelo ukuthi bazomukela amasheke, ” usho kanje.
Uthe nemali etholwa ondlunkulu ayilingani kodwa lokhu kuncike ebhizinisini afake ngalo isicelo nokuthi selivele liqalile ukwenza umehluko emphakathini elikuwo. Ugcizelele ukuthi ababizwe kulo mcimbi bayingxenye yabazohlomula yize kungesibo bonke, waqinisekisa ukuthi ngokuhamba kwesikhathi umnyango uzimisele ukuthi bonke ondlunkulu bahlomule kulolu hlelo.
Ekhuluma emcimbini wokwethulwa kwalo , uNkk Sithole-Moloi uthe umnyango ubulokhu uxhasa ubuholi bomdabu, kodwa ubungakenzi ngokwanele ngasohlangothini londlunkulu
“ Kuyagqugquzela ukuthi iningi londlunkulu livele seliqale ukusebenza ngaphambi kokuthi lolu hlelo lwethulwe ngokusemthethweni. Kuyajabulisa ukwethula lolu hlelo olubalulekile ngosuku lokubungaza abesifazane lomhlaba wonke,” usho kanje.
USihlalo weNdlu yabaHoli boMdabu KwaZulu-Natal, Inkosi Sifiso Shinga, ukushayele ihlombe okwenziwe yilo mnyango.