INHLANGANO iCouncil for the Advancement of South African Constitution (CASAC), isichithe eyokufakwa kwenhloko yamajaji uRaymond Zondo, ezingxoxweni zamaqembu ezepolitiki ngokubunjwa kukahulumeni wobumbano kuleli.
Le nhlangano ithe uZondo akumele abe yingxenye yalo mhlangano noma kube nguye ozohlanganisa la maqembu, ngenxa yokuthi kumele angachemi, futhi angahlangani nezinto ezithinta ipolitiki ngoba wengamele umthetho.
Ikusho lokhu kulandela ukuthi amaqembu ayisithupha, i-ACDP, ATM, BOSA, PAC, UDM ne-UAT ebhalele uZondo, emnxenxa ukuthi abe yingxenye yalezi zingxoxo ngokuthi aqoke ijaji eselathatha umhlalaphansi ukwengamela lezi zingxoxo.
Awaneme ngokuthi i-ANC iyona ephakamise ukuthi kuxoxwe ngokuthi kube nohulumeni wobumbano emva kokuba lingekho iqembu elidle umhlanganiso okhethweni elingakwazi ukubumba uhulumeni lilodwa.
Unobhala weCASAC uMnuz Lawson Naidoo, uthe akumele inhloko yamajaji izibandakanye nezepolitiki.
Uthe kanjalo nejaji eselathatha umhlalaphansi akumele lifakwe ukwengamela lezi zingxoxo ngoba ngomuso kungabakhona abakhalayo.
“Isivuthiwe intando yabantu kuleli ngakho amaqembu angakwazi ukuzibambela izingxoxo ngawodwana, kungafakwa amajaji. Uhulumeni wobumbano wango-1994, wawulawulwa nguMthethosisekelo, yonke into eyayenzeka yayibhalwe phansi kubalwa nokuthi izihlalo zizokwabiwa kanjani. Namanje ngicabanga ukuthi umlando usengaziphinda, ngokuthi kusikwe iphethini kulokhu okwenzeka ngo-1994,” kusho uNaidoo.
Uthe uma kwakhiwa lo hulumeni amaqembu kumele abeke eceleni ukungazwani, kodwa acabangele umphakathi.
Ubalule ukuthi ezifundazweni elingekho iqembu elidle umhlanganiso kuzona, kudingeka iphathwe ngobunono ekahulumeni wobumbano noma uhulumeni wokubambisana ukuze izidingo ziqhubeke nokufinyelela emphakathini.
UZondo akakawaphenduli la maqembu amnxenxe ukuthi angenelele.
Kuzokhumbuleka ukuthi uZondo nguyena ozobamba izintambo ePhalamende uma sekufungiswa amalungu amasha, kukhethwa usomlomo nephini likasomlomo wePhalamende, kanjalo nokukhethwa kukamengameli omusha ezweni.