INKANTOLO yeMantshi ePinetown ilalele ukuthi wabulawa kanjani omunye wabasolwa abathathu abathinteka ecaleni lokubulawa kwabantu eSavannah Park okuthiwa wadutshulwa emini kabha kubuka abantu.
Izolo amadoda amabili abhekene necala lokubulala umsolwa abecela ibheyili.
UMnuz Sphamandla Hadebe kuthiwa wabulawa amadoda afika endlini eWynbank ngemoto iFord emhlophe eyayinezibombolo zemoto yamaphoyisa ezingumbombayi.
UHadede (24), uMnuz Njabulo Mchunu (31) noComfort Ngubo (22) banikwa ibheyili ngo-Agasti 16 kwathi ngo-Agasti 21, uHadebe wadutshulwa.
UNgubo noHadebe banikwa ibheyili ka-R8000 umuntu emunye kwathi uMchunu wanikwa eka-R10 000.
Bebhekene necala lokutholwa nesibhamu nezinhlamvu okungekho emthethweni.
Laba bahlanganiswa necala lokubulawa kwabayisikhombisa eSavannah Park abadutshulwa kuhlaselwa indawo edayisa utshwala eSiqhopholozi.
Ababili ababekwe icala lokubulala uHadebe ngeke bavezwe ngezizathu zokuphepha kanti kuvele ukuthi bayawaphika amacala njengoba ummeli wabo eveze ukuthi banofakazi bokuthi babekuphi ngesikhathi kwenzeka isigameko nokuthi abamazi kwayena uHadebe. Umphenyi wecala uWarrant Officer Jabulani Mtolo izolo ufakaze wathi amadoda amane adubula ebhekise kuHadebe nomfowabo, wathi omunye wabahlaseli wayegqoke ijakhethi enophawu lwamaphoyisa. UMtolo osebenza ngaphansi kophiko lobugebengu obuhleliwe uthe kulo muzi okwahlaselwa kuwo kwakukade kusontwa egaraji.
Uthe ngesikhathi kusontwa abanye babesegcekeni base bebona imoto i-Etois idlula ihamba kancane. “Babona ukuthi inabantu abane ababebheke ngqo endlini. Emuva kwalokho kwaqhamuka iFord Ranger emhlophe ihamba ngesivinini yangena egcekeni ngoba isango lalivuliwe. Ngesikhathi ipaka zonke izicabha zavukela kwaphuma amadoda amane.” Uthe abazibonela babona ukuthi amadoda bayawazi futhi inombolo yemoto kwakungeyamaphoyisa ngoba yayigcina ngo-B.
Uthe omunye walawa madoda wayefake ijakhethi enophawu lwamaphoyisa.
“Ngesikhathi besondela umsolwa wesibili wayephethe isibhamu esincane kanti umsolwa wokuqala wayephethe isibhamu esikhulu futhi wayengomunye walabo abane abehla kwiFord.” kuchaza uMtolo.
Uthe ngaphandle kokukhuluma badubula bebhekise kuHadebe nomfowabo. UMtolo uthe abantu babaleka uHadebe wadubuleka, lawa madoda eza kuye azomqedela. Uthe uHadebe wayenamanxeba amaningi okudutshulwa ekhanda. “Inhloso kwabe kungukumbulala.”