UMGQUGQUZELI woMkhonto weSizwe (MK) kuzwelonke obambile uMnuz Nathi Nhleko, uthi izitha zeqembu zilinike amandla ngesikhathi zizama ukuqeda ngalo.
UNhleko owake waba wungqongqoshe wamaphoyisa kuleli, uxoxe neSolezwe ngezinhlelo zeMK, wathi iqembu lizimisele ukudla ukhetho ngesonto elizayo. UNhleko umemezele ukushiya kwi-ANC ngoMashi nonyaka, emuva kwalokho wathushuka kwiMK.
Owayengumengameli uJacob Zuma ngoDisemba nyakenye, wethule iMK wathi uzoyikhankasela ayeseke futhi akasayingeni eye-ANC. I-MK iwundabamlonyeni kulezi zinsuku ezweni kanti abanye bathi izoshintsha ipolitiki abanye bethi bayoke babone.
Igama loMkhonto weSizwe libangwe kakhulu, i-ANC ikhala ngokuthi kuthezwa yona nomlando wayo. Kuphunywe kwangenwa ezinkantolo kodwa iMK yanqoba.
UNhleko uthe izimbangi zabo zenze iphutha zinganakile zizama ukubaphundla kanti zibakhulisa kakhulu. Uthe kukhulunywa ngeMK lonke izwe futhi abantu babona ithemba labo.
“Akusinyakazisi thina ukuhlushwa sihambe izinkantolo ngoba basinike isigcawu sokuzikhangisa esingasikhokheli ngisho isenti. Uma sivela enkantolo silunqobe udaba izinkumbi zabantu zibhekile nabezindaba. Sidumile, kulokhu kukhulunywa ngathi,’’ kuphawula uNhleko.
Uthe ukubunjwa kweMK akufani namanye amaqembu ayizicagogwana nje kodwa yona iyithemba labantu. Uthe baze basho abantu ukuthi ababizwa bayaziyela eqenjini. UNhleko uthe konke lokhu kukhomba ukuthi umoya wabantu ungakuphi.
Uqhube wathi ubufakazi bokuthi iMK ngeyabantu, bubonakale ngempelasonto edlule ngesikhathi yethula izethembiso zokhetho ezinkundleni yemidlalo e-Orlando, eSoweto. Uthe bebethwele kanzima behlela umcimbi ngoba kukhona abebezama ukubavimba kodwa bafohla kunjalo.
UNhleko wengeze ngokuthi bakwazile ukuhlela umcimbi omkhulu bengenayo nemali etheni futhi bebengabahehi abantu ngezijumbane zokudla njengamanye amaqembu.
Okuseqhulwini kwiMK wudaba lokulwa nenhlupheko nokweseleka kwamathuba omsebenzi. Kukhona nodaba lwezemfundo okuthiwa kufanele ibhekwe kabanzi. IMk ikhuluma nangokulwa nobugebengu ngokuthi kushintshwe umthetho osebenza kuleli.
UNhleko uthe isinqumo senkantolo sokuchitha uZuma ohlwini lwasePhalamende bayasibona nje kodwa asiwucwilisi umkhumbi. Uthe isekhona indlela eya phambili futhi abantu bazozibonela bona.
Wengeze ngokuthi okubalulekile okwamanje wukulungiselela ukhetho bese emuva kwalo kwakhiwa izinhlaka.
“Umsebenzi omkhulu wukuthi siye okhethweni kodwa kubalulekile ukuthi emuva kwalokho kwakhiwe izinhlaka ukuze iqembu liqhubeke. Akufanele kube sengathi bekuyiqembu eliqhamuke ngoba lifuna ukhetho,’’ kusho uNhleko.