UNGQONGQOSHE wamaPhoyisa kuzwelonke uMnuz Bheki Cele ukhathazekile ngenqubekela phambili emacaleni athinta imboni yamatekisi njengoba amaphoyisa ebabopha abathile kodwa bakhishwe ngebheyili noma amacala ababhekene nawo ahoxiswe.
UCele ukusho lokhu izolo ngesikhathi enomhlangano eMnambithi, KwaZulu-Natal namalungu avela kososeshini abehlukene esifundazweni.
Uthe lezi ngezinye zezinto okufanele babuyele emuva bayozixoxa neminyango ababambisene nayo kwezobulungiswa.
Umhlangano ubuhanjelwe nawuNgqongqoshe wezokuThutha KwaZulu-Natal uMnuz Sipho Hlomuka noMkhuzi wamaphoyisa klulesi sifundazwe uLieutenant General Nhlanhla Mkhwanazi. Ngawo kuhloswe ukuthi kuqhanyukwe nezisombululo ezinkingeni zezimpi ezisembonini yamatekisi.
UCele uthe bayazibophezela ekutheni bengeze izinsiza kusebenza zamaphoyisa.
Uveze ukuthi ngesikhathi benza okulindelekile ohlangothini lwabo njengamaphoyisa ekubuyiseni ukuthula embonini, balindele ukuthi kube nokusebenzisana phakathi kwabo nezinhlaka ezithintekayo njengoMnyango wezokuThutha.
“Zikhona ezinye izinto eziyizingqinamba njengezimvume zokusebenza nerenti. Yingakho sidinga ukuthi kube nokusebenzisana ngisho nanomasipala kanjalo nomnyango ngoba ezinye zalezi zimpi ziqala kubangwa zona lezi zinto,” kusho uNgqoNgqoshe Cele.
Uthe okubajabulisayo njengamanje wukuthi ososeshini bazimisele ngokuxoxisana.
“Benze isicelo sokuthi kube nokusebenza ngokuzikhandla ohlangothini lwamaphoyisa nezinye izinhlaka zomthetho,” kuqhuba uNdosi.
Uveze ukuthi emhlanganweni ababe nawo nezinhlaka ezithintekayo ngeledlule kuhlale obala ukuthi izifundazwe ezihamba phambili ngodlame lwamatekisi, yiKwaZulu-Natal neGauteng.
Omunye wosomatekisi abadumile KwaZulu-Natal, uMnuz Mandla Gcaba, uthe okunye okubakhathazayo ukuthi ezimpini zamatekisi, izinkabi ezibulala abantu ezifundazweni ezahlukene embonini kuye kuvele ukuthi ziphuma KwaZulu-Natal.
“Ngakho lokho kuyinto esikhathaza sonke, yingakho silapha ukuzama ukuqeda nya ngalesi sihlava ngosizo lukaNgqongqoshe wamaPhoyisa nowezokuThutha kuzwelonke,” kusho uMnuz Gcaba.
Uthe uyakholwa ukuthi ithimba elizogqugquzela umoya wokuthula elizosungulwa kulo mhlangano, lizowenza umsebenzi okulindeleke ukuthi kube khona ukuthula ngempela.
Uqhube wathi banethemba lokuthi ukusayinwa kwesivumelwano sokusebenzisana kuzoncisha umoya izinkabi ezithola ithuba lokukhanda imali uma kukhona ukungaboni ngasolinye kubona bengosomabhizinisi embonini.