ABAHLALA kolindela eSiphingo, eThekwini bavuke kusempondozankomo bayovala umgwaqo u-Old Main ngamathayi avuthayo nodoti base beyabhikisha bekhala ngemiphumela yokhetho abathi inogcobho.
Lendawo eku-ward 90 kuMasipala iTheku ibiphethwe i-ANC ngaphambi kokhetho ngoMsombuluko ngesonto eledlule kodwa manje sekukhala isicathulo se-DA.
Labantu bafuna i-IEC ukuthi ize kubona izobachazela, ibacacisele ukuthi kungani inqwaba yabantu abahlala kulendawo ijikisiwe ezikhungweni zokuvota kwathiwa amagama ayo awaveli ohlwini labavoti.
Bafuna nokuthi kuqalwe phansi kubalwe kabusha amavoti esikhungo esiseLotus Park okuyindawo eyakhelene nalabolindela.
Bakhala ngokuthi ukungavoti kwabo kunike iDA iward. Eminyakeni eminingi eyedlule lendawo yayilawulwa iMinority Front.
Amaphoyisa kaMasipala iTheku naweSAPS abelokhe esiqaphe ngeso lokhozi isimo. Ugcine uvuliwe umgwaqo ngo-11 ekuseni izimoto ebezivalelekile zakwazi ukudlula ngokukhululeka.