KUBHIMBE uhlelo emadodeni amabili atholakale nempahla okusolakala ukuthi ayebile engabiza uR1.8 million ngempelasonto.
Kuthiwa oKlebe baseRichards Bay basebenze ngokubambisana nabaqaphe emngceleni eKosi Bay ngesikhathi bebopha abasolwa abaneminyaka engu-31 nona-44.
Kubikwa ukuthi bezisebenza ngokubambisana lezi zinhlaka zezomthetho ngesikhathi zimisa imoto ebikade idonsa isigadla emgceleni ohlukanisa iNingizimu Afrika nezwe iMozambique.
Kuvela ukuthi le moto beyiphuma kuleli ilibangise ezweni elingumakhelwane.
Okhulumela oKlebe KwaZulu-Natal, uLieutenant Colonel Simphiwe Mhlongo, uthe ibe isiseshwa imoto kwavundululwa amalambu kagesi asemgwaqweni angu-52 ohlobo lwe-LED.
“Amalambu atholakele anophawu lukaMasipala waseThekwini. Abasolwa bahlulekile ukuchaza into eqondile ngesikhathi behlonywa imibuzo yokuthi kwenzeka kanjani impahla yomkhandlu itholakale kubona,” kusho uMhlongo.
Uthe kube sekubizelwa endaweni yesigameko isikhulu salo masipala esifike sangachitha sikhathi, sasho ukuthi yimpahla yomkhandlu lena etholakale kubasolwa.
Abasolwa babe sebekhalelwa amasongo kaSigonyela babekwa icala lokutholakala nempahla okusolakala ukuthi yebiwe nelokuphazamisa ukusebenza kwengqalasizinda emqoka.
OKlebe bathe lawa malambu angabiza uR1.8 million.
Kulindeleke ukuthi abasolwa bavele namuhla eNkantolo yeMantshi yaseManguzi ngalwa macala.
Kwenzeka lokhu nje, bebekade bematasa ebusuku bangoLwesihlanu abasebenzi bakagesi bakulo mkhandlu belungisa amalambu abekade ecimile asemgwaqweni uNorth Coast, eThekwini, njengoba kade kumnyama uma usuka eParkhill ubheke e-Avoca.