KULINDELEKE ukuthi anekelwe izwe amahlazo e-ANC uma abasebenzi benhlangano sebeqala imibhikisho yabo, ngenxa yokungaholi kusasa.
Yize bekuhlale kunemibiko yokuthi inhlangano icwile enkingeni yezimali, nokuholele ekutheni yehluleke ukukhokhela abasebenzi bayo amaholo ngesikhathi esifanele, kuzobe kungokokuqala ukuthi usizi lwalaba basebenzi ludalulwe esidlangalaleni.
Le mibhikisho kulindeleke ukuthi ibe ekomkhulu lenhlangano eLuthuli House, eGoli, emahhovisi ezifundazwe nasemahhovisi ezifunda. Abasebenzi banqume ukubhikisha emva kokuthi inhlangano yehlulekile izinyanga zilandelana ukubakhokhela imiholo yabo ngesikhathi.
Omunye osebenzela inhlangano ocele ukuba igama lakhe lingadalulwa, uthe banqume ukubhikisha emva kokwehluleka kwemizamo yokuthola isisombululo kule nkinga yemiholo.
“Sekunesikhathi eside kuxoxwa, sizama ukuthola isisombululo kule nto kepha kubukeka sengathi kunzima ukuthola isixazululo. Sesakujwayela ukuhola sekudlule isikhathi nokuthola imiholo engaphelele.
“Lokhu kwenza kube nzima ukwenza izinhlelo zethu njengoba singazi ukuthi sihola nini. Siyafa yinzalo efakwa yilabo esibakweletayo uma bengayitholanga ngesikhathi imali yabo.”
Okhulumela i-ANC uMnuz Pule Mabe, uthe ubuholi benhlangano buyalusukumela udaba.
“Emhlanganweni abasebenzi banikeza imenenja jikelele uNkk Febe Potgieter, incwadi eveza izinhlelo zabo zokubhikisha. Yize abasebenzi batshelwa ukuthi ubuholi obuphezulu buyayilungisa le ndaba, kepha bathi udaba lwemiholo yabo ludinga bona ukuthi balusukumele.
“Abasebenzi bazobhikisha ngoJune 15 eLuthuli House, emahhovisi ezifundazwe kanye nasemahhovisi ezifunda.”
Izinkinga zamaholo aziqali manje kwi-ANC. Ngo-Ephreli inhlangano yabhalela abasebenzi bayo lapho yayibatshela khona ukuthi imiholo yabo babezoyithola emva kwesikhathi izinyanga eziphakathi kwezintathu neziyisithupha, ngenxa yokuthi inhlangano ibhekene nenkinga yokushoda kwezimali.
Le nkinga yaqala ngoDisemba 2019, yadonsa kwaze kwaba wuJuni 2020, lapho abasebenzi batshelwa ukuthi kufanele bazijwayeze ukuthi imiholo yabo bazoyithola sekudlule isikhathi.
Emasontweni amabili edlule kuvele imibiko yokuthi inhlangano ihlela ukudiliza abanye abasebenzi ukuze ibhekane nenkinga yamaholo.