AMAPHOYISA aKwaZulu-Natal ami ngomumo njengoba kuzobe kudlala ibhola eThekwini, ngoMgqibelo
Kuzobe kudlala owamanqamu weMTN 8 enkundleni yezemidlalo eMabhida lapho kuzotholana khona Amazulu ne-Orlando Pirates.
UBrigadier Jay Naicker okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal , uthe amaphoyisa aselwenzile uhlelo lokuthi azobhekana kanjani nezinkumbi zabathandi bebhola okulindeleke ukuthi baye enkundleni yezemidlalo eMabhida.
Uthe amaphoyisa ama-SAPS nezinye izinhlaka zokuphepha zizobe zikhona ziyiqaphile inkundla nedolobha lonke.
Usho kanjena njek uzobe kungelona kuphela ibhola elizobe lidlala kuleli dolobha kodwa kuzobe kunomcimbi iGcwalisa Spring Picnic -All White eKings Park ne-We Don’t Play The Same Gqom FestGqom eseGreyville.
"Amaphoyisa azobe ala ukhasha kulabo abathenge amathikithi amaningi ngenhloso yokuthi bawadayisele abanye abantu abazofika bengenawo nalabo abazobe bephethe angombombayi. Abazobe bezobuka umdlalo sinxusa ukuthi bafike ngaphambi kwesikhathi ngoba amasango azovulwa ngo-3 ntambama yize umdlalo uqala ngo-6. 00 ntambama.
Uqhube wathi abazongena ngaphakathi enkundleni yezemidlalo bazoseshwa ukuze kubonakale ukuthi abaziphethe yini izinto ezingavumelekile ngaphakathi.
Izinto ezizobe zingavumelekile ukuthi abalandeli bangene nazo imimese, izibhamu, amabhodlela notshwala.
"Okuzotholakala ukuthi bafike nalezi zinto enkundleni ngesikhathi beseshwa bazophucwa zona," kusho yena.
Uthe izindawo zokupaka zizobe zikhona enkundleni yezemidlalo iMustering , eKings Park swimming pool naseSuncoast.
" Abanikazi bezimoto sicela basheshe bafike babheke izindawo zokupaka. Baqinisekise ukuthi amafasitela nezicabha zezimoto kuvaliwe. Okhiye bemoto bangabanikezi abantu abangabazi kuhlanganisa nabazobe beqaphe izimoto. Ezimotweni bangazishiyi izinto ezibalulekile," kusho Briagadier Naidu.
Uthe kungenzeka kube nesiminyaminya emgwaqweni uMasabalala Yengwa Avenue, uSmiso Nkwanyana, uSandile Thusi, iBattery Beach neSuncoast Boulevard kodwa izobe ikhona imibhalo eshoyo ukuthi indawo yokupaka ikuphi.