UTHI azigudluke izaguga njengoba sekufike abaholi abasha, uMnuz Duduzane Zuma ohola iqembu lepolitiki, i-All Game Changers (AGC).
UZuma uthe akalwi nabaholi asebekhulile kodwa ubona ukuthi sesadlula isikhathi sabo, kudingeka amasu amasha okudala imisebenzi azoza nabaholi abasha.
Ebuzwa ukuthi kungani engasebenzisani noyise, owayengumengameli wezwe, uMnuz Jacob Zuma eqenjini uMkhonto Wesizwe, uDuduzane, uthe ungumholi omusha ozoletha ushintsho oludingekayo ezweni.
“Ngiwumholi ozimele, ofuna bonke abantu bakuleli baphumelele. Angisebenzisani namanye amaqembu. Nginenhlangano yami i-AGC esebenzisana nabo bonke abantu bakuleli.
Sifuna ukudala amathuba emisebenzi ngokuvuselela izimboni. Asizenzi izithembiso kodwa siza nezisombululo ezibonakalayo,” kusho uZuma.
Uthe umatasa uhambela izindawo ezahlukene ukuze ipolitiki iphilwe ngabantu bakuleli.
“Lesi yisikhathi sabaholi abasha abazimisele ukuletha ushintsho oludingekayo ezweni. Simatasa nezinhlelo ze-IEC. Ngeke siye ezinkundleni zemidlalo ukuyokwethula usomqulu wokhetho kodwa sizosebenzisa izinkundla zokuxhumana nezinye izindlela ukudlulisa umlayezo wethu,” kusho uZuma.
Ugqugquzele abantu ukuba bavote, wathi abangakubhaliselanga ukuvota bayingxenye yezinkinga.
Ukhale ngokuthi uMengameli Cyril Ramaphosa uzokwethula inkulumo yesizwe kodwa ngeke eze nesisombululo sezinkinga zokungabi bikho kwemisebenzi kuleli.
Uveze ukuthi ukuze ukhule umnotho, i-AGC izoqinisekisa ukuthi kunemithetho egqugquzela abatshalizimali ukuba beze kuleli.
Ubalule ukuthi uzovuselela izinkampani zikahulumeni eziwayo, okubalwa i-Eskom, Transnet, Denel, SA Post Office nezinye.
Uthe akahambisani nokuthi lezi zinkampani zisuke ezandleni zikahulumeni ngoba yizona ezikwazi ukudala izigidi zemisebenzi, zingenise nentela eningi.
“Uma ubheka njengamanje izinkampani zikahulumeni ziwiswa ngamabomu ukuze zizodayiselwa abathile. Akufanele kwenzeke lokhu. Kufanele zivuselelwe ukuze zizoqhubeka nokudala amathuba omsebenzi.
Kuhle ukusebenzisana phakathi kukahulumeni nosomabhizinisi abazimele kodwa hhayi ukubadayisela izinkampani zikahulumeni,” kusho uZuma.
Uphethe ngokuthi ngeke kuqhathaniswe ukhetho lwango-1994 nolwalo nyaka ngoba abantu bafuna kulungiswe umnotho, abafuni nje inkululeko ehambisana nobuphofu. Bafuna ukuphuma enhluphekweni babe namathuba afanayo omnotho.