UTHI awumthusi umbango oshisa phansi wokuhola isifundazwe iKwaZulu-Natal ohola iRise Mzansi esifundazweni, uNkk Nonkululeko Hlongwane-Mhlongo.
UNkk Hlongwane-Mhlongo uthe bona bagxile kakhulu emkhankasweni wabo, wathi abafuni ukuphazanyiswa izinto ezenzeka emaceleni.
Ukusho lokhu ngesikhathi enengxoxo ekhethekile neSolezwe.
UNkk Hlongwane-Mhlongo ungumholi wesikhashana weRise Mzansi KwaZulu-Natal, kulindeleke ukuthi athulwe ngokusemthethweni njengomele iqembu embangweni wesikhundla sikandunankulu eKZN ngoLwesithathu.
Umbango mkhulu KwaZulu-Natal njengoba i-IFP neqembu elikhankaselwa owayengumengameli, uJacob Zuma, uMkhonto weSizwe, likhombisa ukwenza kahle ezinkethweni zokuchibiyela zakamumva ezibe KwaZulu-Natal.
UNkk Hlongwane-Mhlongo uthe babheke ukwenza kahle KwaZulu-Natal.
“Siyazi ukuthi amaqembu amaningi ayibhekile iKwaZulu-Natal njengoba ingeyesibili ngokwesibalo sabantu ababhalisele ukuvota. IKwaZulu-Natal ithathwa njengababeki benkosi. Thina asithukile. Siyazi ukuthi kuzokuba nesiphithiphithi, nomsindo.
“Kodwa iqiniso esilaziyo ukuthi abantu baKwaZulu-Natal abamane bavotele noma iliphi iqembu lezepolitiki. Abantu baKwaZulu-Natal bavotela iqembu abalaziyo ukuthi lizofeza izidingo zabo. Njengoba siya okhethweni abantu angeke bawavotele amaqembu angazifezi izethembiso.”
UNkk Hlongwane-Mhlongo uthe umqulu wezethembiso zokhetho wabo unezinto ezidingwa abantu baKwaZulu-Natal.
“Engikuthandayo ngomqulu wethu ukuthi abantu baKwaZulu-Natal babambe iqhaza ngesikhathi siwubhala. Siyile kubona, saxoxa nabo, basitshela izinto abazifunayo.
“Phakathi kwezinhlaka esixhumane nazo ngesikhathi sibhala umqulu, iKZN Blind Society. Sahlala nabo, basitshela izidingo zabo. Uma ubona izinto ezithinta abantu abaphila nokukhubazeka emqulwini wethu, kuyobe kuyizinto esizithathe kubona.”
UNkk Hlongwane-Mhlongo uthe kumjabulisile ukuba afakwe embangweni wesikhundla sobundunankulu.
Uthe ukhethwe emva kohlelo olude obeluqhutshwa yikomiti elizimele.
“Ikomiti elizimele lathola amagama angaphezu kuka-400. Kwabe sekuhlungwa, kwenziwa inhlolokhono. Emva kwalokho ke, ikomiti labe selikhetha igama lami. Kungijabulisile kakhulu ukuba ngikhethwe. Engikuthandayo ukuthi uhlelo beluqhutshwa yikomiti elizimele.”
UNkk Hlongwane-Mhlongo usebenze kakhulu nezinhlangano ezingenzi nzuzo, njengoba esebenze kulo mkhakha iminyaka engu-12.
Uphinde wasebenza kakhulu nomasipala.