ASIKEZUKUBUYELA oLundi isiShayamthetho saKwaZulu-Natal okwamanje. UNdunankulu waKwaZulu-Natal, uMnuz Thami Ntuli, uthe udaba lokususwa kwesiShayamthetho eMgungundlovu, lusazoqale luxoxwe amaqembu aphethe ngokubambisana uhulumeni wesifundazwe.
Ukusho lokhu ngesikhathi ekhuluma nabezindaba emva kokwethula ikhabhinethi lakhe eSilweni uMisuzulu kaZwelithini, oLundi, izolo.
IsiShayamthetho sathutha oLundi ngesikhathi i-IFP iphuma emandleni KwaZulu-Natal.
Kuyiwe okhethweni amaqembu ehlukene phakathi ngokubuyela kwesiShayamthetho oLundi.
Amanye amaqembu okukhona kuwo i-IFP, abekhala ngokuthi uhulumeni umosha imali enkulu eqasha izakhiwo eMgungundlovu ekubeni kukhona isakhiwo esingasebenzi oLundi.
Amanye amaqembu okukhona kuwo i-ANC abengafuni nokuyizwa eyokuthutha kwesiShayamthetho, ekhala ngokuthi kunezinhlelo zezigidi zamaRandi zokwakha isakhiwo sawo khona eMgungundlovu.
Manje la maqembu asebusa ngokubambisana, kuzofanele axoxe ngalolu daba.
“Ngiyazi ukuthi sekuzokuba nemibuzo yokuthi ngabe ukuza kwethu lapha kusho ukuthi isiShayamthetho siyabuya. Angikusho ukuthi ukuza kwethu lapha akuhlangene nokubuya kwesiShayamthetho. Njengoba sasishilo nasekuqaleni, lolu daba kufanele luxoxwe. Akufanele silushalazele.”
UNtuli uthe kubajabulisile ukuba esiShayamthetho esakhiwa umsunguli we-IFP, iNkosi Mangosuthu Buthelezi.
“UButhelezi wayengundunankulu kaZulu. Uyena owayehola uhulumeni waKwaZulu, wayehlala kulesi sihlalo engihlezi kuso namhlanje. Ukuza kwethu lapha kusho khona ukuthi asiwabukeli phansi amagalelo alabo abaphatha ngaphambi kwethu.”
UNtuli uthe iSilo sibayalele ukuba babumbane.
Uhulumeni waKwaZulu-Natal uphethwe ngokubambisana amaqembu amane, i-IFP, ANC, DA neNFP.
“Umyalezo weSilo ushumayele ukuthula nobumbano. Umyalezo weSilo ukhuthaze ukuba sisebenze ngobuqotho. Ngingasho ukuthi iSilo sisamukele kahle.
“Bekubalulekile kithina ukuba sizozethula ngoba siyazi ukuthi lapha KwaZulu-Natal kubusa iSilo. Lapha besizokwethula izinhlelo zethu zokuthuthukisa abantu baKwaZulu-Natal."
UNtuli uthe bazoxhumana nezinye izinhlaka zomphakathi.
“Lesi bekuyisiqalo nje, sisazoxhumana namakhosi, nezinhlangano ezilwela amalungelo abantu. Siyazi ukuthi kufanele sisebenzisane nezinye izinhlaka ukuze sizokwazi ukuthuthukisa iKwaZulu-Natal.”
UNtuli uthe uhulumeni omusha usuqalile ukusebenza, wathi bazokuba nomhlangano wokuqala wekhabhinethi namhlanje.
“Ngiyawethemba la madoda nabesifazane engibaqokile. Abazange baze bapholise amaseko, baqala umsebenzi emva kokuthi ngibaqokile. Abazange basho ukuthi balinde mina ukuthi ngibatshele ukuthi yini okufanele bayenze.”