ASISEKHO isidingo sokuyoma kolayini abade emahhovisi oMnyango wezaseKhaya njengoba sekuvulwe amahhovisi awo enxaxatheleni yezitolo iMenlyn Mall, ePitoli.
UNgqongqoshe woMnyango wezaseKhaya, uDkt Aaron Motsoaledi, uthe abantu bazokwazi ukuthola omazisi, izitifiketi zokuzalwa, ama-passport nezinye izinsiza emahhovisi asenxanxatheleni yezitolo.
Uthe lokhu kuyingxenye yokusondeza izinsiza zomnyango eduze nabantu.
Wethule namaloli awu-20 angomahamba-nendlwana azohambela izindawo ezihlukene ukusiza abantu ngezinsiza zoMnyango wezaseKhaya.
UMotsoaledi uthe bazosebenzisa uR200 million ukuletha izinsiza zomnyango ezinxanxatheleni zezitolo njengoba kulindeleke ukuthi bavule amagatsha ezinxanxatheleni zezitolo ezinhlanu.
Uthe KwaZulu-Natal amahhovisi omnyango azovulwa ePavilion Shopping Centre, amanye azoba seTygervalley Mall eCape Town, iGauteng yiyona ehlomule kakhulu njengoba ezoba seMenlyn, Cresta naseSouthgate Mall.
“Abantu bazokwazi ukuthola zonke izidingo zabo benethezekile ezinxanxatheleni zezitolo. Ngeke bashiswe yilanga futhi izinxanxathela zezitolo zinendawo enkulu yokupaka. Siyabonga kwiPareto Group Limited, okuyiyona ephethe izinxanxathela zezitolo ngoba amagatsha ethu ngeke akhokhe irenti iminyaka emihlanu njengoba nabo befuna ukulekelela umphakathi,” kusho uMotsoaledi.
Igatsha laseMenlyn seliqalile ukusebenza njengoba liqale ukusiza abantu ngoFebhuwari.
Amaloli angomahamba-nendlwana wona azothunyelwa ezindaweni zasemakhaya ukusiza abantu abahlala kude.
Kulindeleke ukuthi ngonyaka ozayo uMnyango wezaseKhaya uthole amanye amaloli awu-100 angomahamba-nendlwana azosiza abantu ukushaya omazisi nezinye izitifiketi nezidingo zomnyango.
“Sifuna ukuthi amaloli ahambele nasezikoleni ukuze abafundi bakwazi ukushaya omazisi besesikoleni, bangalahlekelwa yisikhathi sokufunda. Siyazisondeza izidingo kubantu kodwa sibuye siphazanyiswe wuhlelo lokunqamuka kukagesi ngoba imishini yethu isebenza ngama-networks aphazamisekayo uma kuhambe ugesi,” kusho uMotsoaledi.