UMENGAMELI we-ANC, uMnuz Cyril Ramaphosa, uthi angeke bawancenge amaqembu ezepolitiki athi awafuni ukusebenzisana nale nhlangano.
Njengoba amaqembu amaningi ephezu kwezingxoxo zokubambisana komasipala abangaphezu kuka-60 ezweni jikelele lapho kungekho khona iqembu eliwine ingcaca, iDA ne-ActionSA sebephumele obala bathi ngeke besebenzisane ne-ANC.
Uthe bancamela ngisho ukuthi babe yiqembu eliphikisayo kulabo masipala kunokuba bancenge la maqembu.
“Ngiyezwa kukhona amaqembu ezepolitiki ahamba ezishaya isifuba ethi angeke asebenzisane nathi. Ngiyazibuza ukuthi bekusho bani ukuthi sifuna ukusebenzisana nabo? Labo abathi abafuni ukusebenzisana nathi, angeke siloku sibalandela ngemuva.
“Angeke siguqe ngamadolo sibancenge. Uma kunesidingo sokuthi sibe yiqembu eliphikisayo kulabo masipala, kulungile sizokwenza lokho.”
Ukusho lokhu izolo ngesikhathi ethula inkulumo emcimbini wokubonga abantu abavotele i-ANC okhethweni lohulumeni basekhaya, obuseSoweto.
URamaphosa uthe kuningi abazokubheka ngaphambi kokuthi bafinyelele esivumelwaneni sokusebenzisana nanoma yiliphi iqembu lezombusazwe.
URamaphosa uthe abafuni ukungena esivumelwaneni esizobuye sibanikeze inkinga ngokuhamba kwesikhathi.
“Asifuni umfelandawonye ozobuye uhambe ubhidlike. Umfelandawonye obukhona komasipala phambilini bewuntekenteke.
“Asikufuni ukusebenzisana okungenamigomo, sengathi kusemjolweni. Thina sifuna kube njengasemshadweni, kube nemigomo ebekwayo.”
Nakuba i-ANC ilahlekelwe yinqwaba yamavoti kulolu khetho kepha uRamaphosa uthe le miphumela ikhombisile ukuthi i-ANC iyona nhlangano yezombusazwe ethandwa kakhulu kuleli.
Le nhlangano ithole ngaphansi kuka-50% kulolu khetho, okungokokuqala emlandweni wayo ukuba ithole imiphumela enje.
Kepha uRamaphosa uthe nakuba kunjalo kodwa ayikho inhlangano yezepolitiki ekwazile ukusondela esibalweni somasipala abangu-167 leli qembu elibanqobile.
Kuleli lizwe kunomasipala basekhaya abangu-226 nabezifunda abangu-44.
URamaphosa uthe into eyenze ukuthi kwehle ukwesekwa kwe-ANC kungenxa yabantu abaningi bakuleli abanqume ukuluduba ukhetho.
“Ngiyabona nje amaqembu ezepolitiki evusa amakhanda. Iqiniso ukuthi abantu bancamela ukungavoti kunokuthi bavotele wona.”
URamaphosa uthe le miphumela ibavuse emaqandeni.
Uthe okwenze abantu abaningi bangayivoteli le nhlangano yizimpi zangaphakathi kule nhlangano nokungaphathwa kahle komasipala abalawulwa yiyo.
Ilungu lesigungu esiphezulu kule nhlangano, uMnuz Fikile Mbalula, lithe ngabe le nhlangano ihlulwe kakhulu ukube ibingaholwa uRamaphosa.
UMbalula uthe uRamaphosa uhole le nhlangano ngesikhathi esinzima kakhulu, eveza ukuthi izinhlelo zakhe ziphazamiswe ukubheduka kobhubhane icorona.