KUKHISHWE izincwadi ezine ezigunyaza ukuboshwa kukaKhabo Jame Lephatsoe owayenguConstable emaphoyiseni aseWelkom ofunelwa uhide lwamacala ahlanganisa inkohlakalo nokuphulwa kwengalo yomthetho.
Lo mlisa oneminyaka engu-32 ubudala ufunelwa amacala enkohlakalo, ubuqola nokuphula ingalo yomthetho ngamacala awenza kusukela ngomhla ka 11 Januwari 2018.
Kuthiwa lo msolwa nozakwabo babeyobopha owesifazane owatholakala namatshe egolide, kodwa esikhundleni sokumubopha, bamsenga imali elinganiselwa ku-R300 000 eyakhokhwa isuka kwi-akhawunti yomgilwa ifakwe kwi-akhawunti ayinikezwa yilawa maphoyisa.
Ngomhla ka17 Febhruwari 2019 wathatha imoto yombutho wayiboleka umngani wakhe owayishayela ehamba yedwa endaweni yaseMeloding kanti uzothola ingozi.
“Ngesikhathi uLephatsoe ebizelwa endaweni lapho kwenzeke khona ingozi, wenza wengathi uyena owayeshayela. Lokhu kwaholela ekuboshweni kwakhe nomngani wakhe owahlanza iqiniso babekwa icala lokuphula ingalo yomthetho,” kusho uCaptain Stephen Thakeng okhulumela amaphoyisa aseFree State.
Akagcinanga lapho ngoba ngomhla ka9 Juni 2021 lo msolwa waphinde wahlangana nalo mgilwa wathembisa ukukhipha umyeni wakhe owaboshwa ngokuba kuleli ngokungemthetho. Ngalokhu wafuna imali engango-R10 000.
Wenza lokhu-nje ngoMeyi waloyo nyaka wazama ukufumbathisa umshushisi ecaleni lokudlwengula ayeliphenya.
“Wanunusela umshushisi ngoR5000 ukuze kunyamalale idokodo ecaleni lokudlwengula elenzeka eWesselsbron elaliphenywa wuyena. Lapha wabekwa icala lenkohlakalo nokuphula umthetho.”
Leli phoyisa lagcina limisiwe emsebenzini njengoba laliphenywa ngawo wonke amacala kanti kuthiwa akakaze alubhade enkantolo ukuze kuqulwe amacala akhe.