Uthembise ukujulukisa aphinde azincishe umoya izigebengu uNgqongqoshe omusha wamaPhoyisa, uMnuz Senzo Mchunu.
UMchunu ulimise ngesihloko elokuthi ngeke baziwotawote izigebengu ezicabanga ukuthi ikwampunzi edla emini njengoba bezobhekana nazo besebenzisa indlakadla.
Kulindeleke ukuthi namhlanje ahlangane nezikhulu zamaphoyisa ukuze aqale umsebenzi ngokushesha njengoba ebeke eqhulwini izinto ezine azogxila kuzona zisuka amadaka.
Ufuna ukulwa nesihlava sokwanda kwamacala okubulala, awokudlwengula, ukwebiwa kwezimoto nokugqekezwa kwemizi.
Lezi zinto zimenza angabuthi quthu ubuthongo.
“Ngiyazi abantu baseNingizimu Afrika ababulali ubuthongo ngenxa yokwanda kwamacala okubulala, awokudlwengula, ukwebiwa kwezimoto kanjalo nokugqekezwa kwemizi. Noma ngingakawutholi umbiko ngebanga elihanjiwe emaphoyiseni okulwa nalawa macala kodwa ngiyazi ukuthi yizona zinto ezenza abantu bangakhululeki.”
UMchunu uveze ukuthi akekho ongakhululeka uma la macala eqhubeka nokwanda.
“Abantu kumele bazizwe bephephile ezweni labo. Uma lezi zinto singazilungisi, sizobe sibenzele phansi abantu.”
Uphefumule kanje izolo ngesikhathi ekhuluma neziteshi zethelevishini zabezindaba ngesikhathi kufungiswa ongqongqoshe namaphini abo eKapa.
UMchunu uveze ukuthi uzoqhubeka lapho kushiye khona obephethe izintambo eMnyangweni wamaPhoyisa uMnuz Bheki Cele.
“Sengiwulungele lo msebenzi. Ngeke siwotawote ubugebengu, sizolwa ngqo nabo,” kusho uMchunu.
Uveze ukuthi uzokwazi ukuphefumula kabanzi nangezinye izinhlelo uma esezinzile kulo mnyango.
Indaba yobugebengu ngezinye zezinto ezenza abantu bakuleli bahlale benexhala.
KwaZulu-Natal kuba nezehlakalo zokubulawa kwenqwaba yabantu ngesikhathi esisodwa.
UCele ubewatshela amaphoyisa ukuthi angananazi futhi angafi ephethe izibhamu uma ebhekene nezigebengu evikela abantu bakuleli.
UMchunu uthe bazolakha uhlelo abazosebenza ngalo lokulwa nobugebengu.
Uveze nokuthi engakawuqali ngisho lo msebenzi wakhe ubese ethole umbiko ngesinye isehlakalo esithinta ukudlwengula esenzekile.
“Kudinga isandla esiqinile ukulwa nobugebengu. Amaphoyisa azolwa ukuze abantu bakhululeke ezweni labo,” kusho uMchunu.